OMUNYE wabaqeqeshi beDondol Stars FC, uKhuliso Rashamuse, uhlabe isenzo somunye wabasebenzi be-Orlando Pirates ngokuziphathisa okwe-amesha ngesikhathi kuqhubeka umdlalo we-quarterfinal yeNedbank Cup ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ngesikhathi esengezwe unondweba, iDondol nePirates bebambene ngo-1-1, kusuke isixakaxaka phakathi kwamabhentshi womabili kulo mdlalo osekungumlando ukuthi iPirates iwunqobe ngo-5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Bekumbango obekungacaci ukuthi ususwe yini kodwa bekungathi kubangwa izigubhu zamanzi.
Emuva komdlalo esithangamini nabezindaba, uRasamushe uzwakalise ukuphoxeka ngokuziphatha komunye wabasebenzi bePirates athe akamazi igama lakhe.
Usole lo msebenzi wePirates ngokuthatha ibhodlela lamanzi ebelibekwe unozinti weDondol, uSiphamandla Gumede, okuthiwa unesifo sofuba (asthma).
“Unozinti wethu ubebeke ibhodlela lakhe lamanzi njengoba ehlale enza kwazise isifutho sakhe asivumelekile enkundleni, nakho-ke le nsizwa esebenza kwiPirates isibona kungcono ukuthi ilithathe ibhodlela,” kusho uRashamuse.
“Angilazi igama lale ndoda kodwa lokhu ekwenzile kuyanyanyisa. Akwenziwa lokhu akwenzile. Kunobu-amesha,” kuqhuba lo mqeqeshi ngokunengeka.
“Ngenxa yesenzo sale ndoda nathi sizithole sesihluthukelwa yizinhliziyo saze salahlekelwa nayinhlonipho ebesinayo ngePirates.
“Unozinti wethu unesifo sofuba ngakho-ke amanzi uyawadinga ngaso sonke isikhathi njengoba isifutho sakhe singavumelekile enkundleni. Ingakho bengidiniwe.
“Obekungicasula kakhulu ukuthi njengoba (lo mlisa) enza lokhu, umdlalo uyaqhubeka obese kwenza ukuthi unozinti wethu angabe esagxila emdlalweni ngokugcwele ngenxa yalesi senzo,” kusho uRashamuse.
Nakuba ubengeneme ngesenzo salo msebenzi wePirates, lo mqeqeshi uzishaya isifuba ngebanga abalihambe kwiNedbank.
“Akekho ongazi ngeDondol eNingizimu Afrika ngakho-ke ngijabule ukuthi saziwa ngokudlala ibhola elihle okufakazelwa imiphumela esiyithole kulo mqhudelwano.
“Sikhule ngendlela engachazeki futhi ibanga esilihambe kwiNedbank lizosisiza kakhulu kwekazwelonke yokuhlungela ukukhuphukela esigabeni esingcono.
“Kwale kancane ukuthi siyishaye iPirates kodwa ukufika kuleli banga esifike kulona nokuyidudula ize inqobe emaphenathini, kuyazikhulumela ngeqembu esizama ukulibumba kwiDondol,” kusho uRashamuse.
IDondol izohlabana ngoR400 000 ngokuhamba izikhishwe kuma-quarterfinal eNedbank Cup. Izomela iGauteng emidlalweni kazwelonke yokuhlungela ukukhuphukela kwiMotsepe Foundation Championship.