UMDLALO weDondol Stars FC we-quarterfinal yeNedbank Cup ne-Orlando Pirates akuyona into ebaphathisa ngekhanda abaqeqeshi bale liqembu elidlala esigabeni sama-amesha, iSafa ABC Motsepe League, eGauteng.
Lokhu kuvezwe ngomunye wabaqeqeshi beDondol, uVincent Rammoni, engxoxweni abe nayo neSolezwe izolo kulandela ukuqhathwa kwamaqembu azodlala kuma-quarterfinal eNedbank Cup.
IPirates eyibamba kwiDStv Premiership, izobe iyiqembu lesithathu elidlala kulesi sigaba ukuhlangana neDondol kulo mqhudelwano.
EzikaRammoni ziqale ngokuqumba phansi iSuperSport United kwi-Last 32, kwathi kwi-Last 16 yawashisa ijezi AmaZulu FC.
IDondol yaseMamelodi, ePitoli, esungulwe ngo-2014, izihola phambili ngamaphuzu amane kwi-log ye-ABC Motsepe League.
Yize lokhu kukuhle uma ukuqhathanisa nebanga esilihambe kwiNedbank, uRammoni ukhulekela ukuthi kungabakhubazi ngoba kungaphezulu kwalokhu abebekuhlelile.
“Umdlalo wethu nePirates akuyona into esenza singalali ngoba ibhola lidlawa enkundleni efanayo futhi imithetho iyafana, akukhathazi ukuthi izigaba zehlukene noma ziyafana,” kusho uRammoni.
“Asingabazi ukuthi umdlalo uzobe unzima kithina kwazise sibhekene nelinye lamaqembu amakhulu ezweni futhi siyalihlonipha kodwa amathuba ethu okuwina ayafana ngoba njengoba sinobuthaka bethu, nePirates inobayo.
“Akusenzi singalali ukucabanga ngalo mdlalo ngaphandle kokuqonda ukuthi kufanele siwuhlele ngokugcwele bese senza okufanele ngosuku lwawo,” kulandisa yena.
IPremier Soccer League (PSL) isazozimemezela izinsuku nezinkundla zemidlalo yama-quarterfinal. INedbank Cup ihamba nesheke lika-R7 million kompetha. Amaqembu azodlala kuma-quarterfinal asezihlomulele ngo-R400 000.
IPirates ikwi-quarterfinal kule sizini, ayikaze ibhekane neqembu elisesigabeni esikhulu kodwa kwi-All Stars FC nakwiVenda Football Academy bobabili abadlala kwiMotsepe Foundation Championship, akubanga lula ukuthi idlule.
URammoni uchaze ngobuhle nobubi bokuhamba ibanga kwiNedbank ekubeni besembangweni wesicoco ohamba nethuba lokungena emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship.
“Kuhle ukuthi sihamba kahle kwiNedbank kodwa ngenxa yalokhu sizithola siphazamiseka kwiligi ngoba abadlali bayakhathala, abanye bayalimala kwazise sidlala namaqembu asesigabeni esingcono kunathi kulo mqhudelwano.
“Yize kunjalo kodwa isipiliyoni esisithola ekudlaleni namaqembu esigaba esingcono kunalesi esidlala kusona, siwusizo kwazise amaqembu esibanga nawo isicoco (okukhona kuwona neJomo Cosmos), anzima futhi anawo wonke amathuluzi okusibhincisela nxanye,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Akazange aqinisekise ukuthi kunezinhlelo zokuyisa lo mdlalo ePolokwane (okuyilapho kudabuka khona usihlalo weqembu) kodwa uvezile ukuthi amathuba alokho akhona. IDondol iyona ezobe ingosokhaya kulo mdlalo.
“Kunabantu abasuka ePolokwane ukuzosibuka ngakho-ke njengoba usihlalo engowakhona, maningi amathuba okuthi iDondol isebenzise lo mdlalo njengethuba lokubuyisela okuthile kubantu baseLimpopo. Akukho obese kuqinisekisiwe nokho,” kuphetha uRammoni.