SITHEMBISO MKHIZE
ISIKHWISHIKHWISHI soMkhumbane Classic, uMbuso Mdakane (28) sikholwa wukuthi ukuya emoholidini kaDisemba beqwakele kwi-Stream A kuzobandisela amathuba okufezeka kwesifiso sabo sokuya emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiMotsepe Foundation Championship.
Lo mdlali waseMnambithi ungomunye wazinsika zaleli qembu likaMashalofu Mabaso.
Nakuba engakashayi goli kule sizini kodwa usekhande amagoli amane emidlalweni emihlanu ayidlalile.
Uyibamba ohlangothini lwesokunxele phambili. Uphinde enze into yamehlo ngemuva kwabagadli.
“Ukuya emaholidi siqwakele kuzosenza singaxhamazeli emzisanweni wesibili weligi," kusho uMdakane, ezikaMashalofu ezimthathe kwiDikwena yaseFree State ebidlala kumaplay off kazwelonke ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Namuhla ngo-12 emini, uMkhumbane uzobhekana noMtuba All Stars, eSJ Smith, eWema.
Uya kulo mdlalo uphuma ekudlaleni ngokulingana neMilford esendaweni yesibili ngamaphuzu awu-14 kwi-Stream A.
Leli qembu laseRichards Bay libambene neStone Breakers ngamaphuzu afanayo.
UMkhumbane ukweyesihlanu ngamaphuzu ayishumi, emidlalweni eyisithupha.
Usanqobe emithathu, wadlala ngokulingana kowodwa, wadliwa kwemibili.
UMtuba olele indawo yesibili uma kusukwa emsileni, ngamaphuzu amathathu, uphuma endukwini ka-1-0 oyithole kwiHappy Wanderers.
UMdakane uthe kumele bawunqobe noma kanjani lo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi iqembu lethu lidlala kahle kakhulu, sihlushwa izinto ezincane. Ngeke nakancane silenze iphutha lokweya uMtuba, izinto ziyenzeka lapha kwiMotsepe.
“Izinto aziwuhambeli kahle. Uzoza kithina ulimele, ufuna ukukhipha isibhongo.
“Engingawuyala ngakho ukuthi ungasizeli ngokubhayiza ngoba sizophoqeleka ukubhedisa izinhlelo zawo kakhulu kunakuqala.”
Kwi-Stream A, kweyokugcina kulele uMkhwakhwini ongakanqobi nowodwa kweyisithupha.
Usemsileni ngephuzu elilodwa. Ngesifanayo nakwi-XI Experience engakanqobi nowodwa kwi-Stream B. Nayo isemsileni, ngephuzu elifanayo. Phezulu kuqwakele uMsinga United ngamaphuzu awu-16.
Imi kanje seyiyonke imidlalo yeKZN ABC Motsepe League:
Kwi-Stream A:
Namuhla-Ngo-12 pm: Mkhumbane v Mtuba (SJ Smith).
Namuhla-Ngo-1 pm: Breakers v Wanderers (KwaMsane).
Ngomgqibelo-Ngo-3 pm: Summerfield v Muzi (Chatsworth); Asande v Njampela (Sonkombo); Mkhwakhwini v Milford (Melmoth Rugby).
Kwi-Stream B:
Namuhla-Ngo-12 pm: Coastal v Experience (UKZN Howard Gate 10).
Namuhla-Ngo-3 pm: Friends v Newcastle ( Princess Magogo); Pioneers v Drakensberg (King Zwelithini).
NgoMgibelo-Ngo-3 pm: Midlands v Umvoti (Harry Gwala); Mkhambathi v Msinga (Mpumalanga).