ISINGENWE omunye umqeqeshi ingoma yabakhala ngezinga eliphansi lonompempe abadlalisa kwiPremier Soccer League (PSL).
Umqeqeshi weChippa United, uKwanele Kopo, ufuna ifakelwe izibuko indlela onompempe abasebenzisa ngayo amandla abo enkundleni.
Lo mqeqeshi akagculisekanga ngendlela unompempe uThando Ndzandzeka nomunye wabasizi bakhe uKamohelo Ramutsindela abaziphathe ngayo ngesikhathi benqotshwa AmaZulu FC ngo 2-0 koweBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.
Okumphathe kabi kakhulu uKopo yisigameko athe senzeke ngesikhathi lo mdlalo uqhubeka phakathi kukaRamutsindela nomgadli wakhe uBienvenu Eva Nga.
“Ngasekuqaleni komdlalo, ngaphambi kokuthi u-Eva athole ikhadi eliphuzi, usho okuthile kumsizi kanompempe, emsola ngokungayiboni into eyenzeke phambi kwakhe. Umsizi kanompempe uphendule ngokuthi ukhuluma kakhulu futhi uyeza kuyena. Kudlule isikhashana u-Eva wathola ikhadi eliphuzi,” kusho uKopo.
“Ngesikhathi sekudlule isixakaxaka esenzeke phakathi kwabadlali bengizama ukuvimba umsizi kanompempe ngoba ubeza ngqo ku-Eva. Ube esebuza iphini lami ukuthi uphuma kuliphi izwe lo mdlali. Uqhube wathi kufanele amhloniphe ngoba usezweni lakhe.
“Yilokho okungenze ngathuthumela ngoba lawo mazwi akhombisa ukucwasa abokufika. Ngeke sikuvume lokho, hhayi ebholeni kuphela kodwa nasemphakathini. Sibhekana kanjani nesimo lapho unompempe ogunyazwe yiFifa ebuza umdlali waseCameroon ukuthi uphuma kuliphi izwe? Yilokho okusishiye kumuncu kithina sonke njengeChippa United kulo mdlalo.
“Ngizamile ukukhuluma nomsizi kanompempe ekupheleni komdlalo, ngingalwi. Ngithe kuyena kungangcono axolise ku-Eva kodwa wavele wangidlula kanjalo, waphuma enkundleni.”
Ngaphandle kokukhala ngomsizi kanompempe, uKopo uthe zikhona nezinqumo zikanompempe ezingamgculisanga lapho ebona khona sengathi unompempe isandla ubengasiqinisi ngendlela efanayo.
“Ngimtshelile uNdzandzeka ukuthi le nto ayenzayo ayilungile. U-Ighodaro (Etiosa) ushaye isitobha ngendololwane wangalithola ikhadi, akakhuzwanga nokukhuzwa. Ngikhulumile phambilini ngalezi zinto ezincane ezenziwa onompempe ezigcina seziphenduke izinto ezinkulu,” uqhube kanje.
“Indlela onompempe abaphatha ngayo abantu abasuke behlezi ebhentshini ayijabulisi neze. Okubuhlungu wukuthi uma usho okuthile bayakutshela ukuthi bazokukhipha enkundleni ngoba banawo wonke amandla.
“Akwenzeki lutho kubo. Bamiswa amasonto amabili bese beyabuya. Thina siyaxoshwa. AmaZulu enze kahle esiwombeni sokuqala, asebenzisa amathuba awo. Bekufanele awunqobe umdlalo kodwa aseneme ngokuziphatha konompempe.”
Selokhu iqalile isizini bayinqwaba abaqeqeshi asebekhale ngezinqumo zonompempe. Kubona kubalwa oweStellenbosch FC, uSteve Barker, uSead Ramovic weTS Galaxy, u-Ernst Middendorp weCape Town Spurs nabanye.