Chippa United (0) 1
Orlando Pirates (1) 3
I-ORLANDO Pirates idlulele kowamanqamu eNedbank Cup ishayela ekhaya iChippa United emdlalweni wowandulela owamanqamu eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoMgqibelo ntambama.
Ukwedlulela kwePirates kowamanqamu eNedbank kuyibeka ethubeni lokulwela ukuvikela lesi sicoco esinqobe ngesizini edlule iguqisa iSekhukhune United kowamanqamu.
Amagoli aqinisekise ukuthi leli qembu laseSoweto liyanqoba avalelwe phakathi wuKabelo Dlamini amabili ngesiwombe sokuqala, nelikaThapelo Xoki ngesiwombe sesibili. Elokubika ekhaya leChippa lishaywe wu-Elmo Kambindu.
Umdlalo wamanqamu uzobanjelwa eMbombela Stadium ngoJuni 1. Ezimnyama sezizolinda ozonqoba phakathi kweStellenbosch neMamelodi Sundowns abadlala kowandulela owamanqamu ngeSonto ntambama.
Ngemuva komdlalo uKwanele Kopo ohola ibhentshi leChippa usole ibhentshi leZimnyama ngokusebenzisa amagama angemahle ngesikhathi kuqhubeka umdlalo.
“Kuyishwa ukuthi umdlalo wonke bekunamazwi aqosheme aqhamuka ebhentshini lePirates kodwa unompempe engasho lutho. U-Eva Nga uze wathola ikhadi elibomvu ngoba ubechukuluzwa umdlalo wonke. Kuyimanje akakwazi nokungibuka emehlweni akezanga ngisho nokuzongixhawula,” kusho uKopo ekhuluma nabeSuperSport ngemuva komdlalo.
Ubekhuluma ngemuva kokuthi umqeqeshi weZimnyama, uJose Riveiro kade eqeda ukukhuluma nabalesi siteshi sethelevishini. UKopo obekubonakala ukuthi kuyamcasula lokhu athi kwenzekile uze wathi kubuhlungu ukunamekwa ngamagama athile ikakhulukazi njengoba bakhula ngezikhathi ezinzima kuleli futhi kubi ukuthi onompempe abakusukumeli lokho ngoba kwenziwa abebala elithile. Uncome iphini lomqeqeshi wePirates, uMandla Ncikazi ngokudambisa isimo nokuzoxolisa kubona.
Emdlalweni iPirates ikhombise zibekwa ebhandeni ngezinhloso zayo zokushesha ithole igoli njengoba ihlasele zisuka ifaka ingcindezi kubadlali basemuva beChippa.
Emizuzwini emihlanu kuqale umdlalo iPirates ilitholile igoli uDlamini evalela phakathi ingcwenga ye-free kick eshiye unozinti weChippa, uStanley Nwabali enkemile.
Nakuba iChippa iwatholile amathuba ambalwa kodwa iPirates ibilokhu iqhubekile nokuhlasela ngamandla.
Sekusele imizuzu embalwa ziye ekhefini uDlamini obenomdlalo omuhle, uvalele phakathi igoli lesibili leZimnyama ngomzuzu ka-41 ngemuva kwebhola abelibekelwe wuPatrick Maswanganyi.
Zibuya ekhefini, womabili amaqembu enze izinguquko. IChippa ifake uPapama Tyongana endaweni ka-Ayabulela Konqobe, noKambindu endaweni kaGraig Martin obesenekhadi eliphuzi.
IPirates yafaka uMiguel Timm endaweni kaThalente Mbatha, naye obesenekhadi eliphuzi.
Izinguquko ezenziwe yiChippa zikhombise umehluko njengoba leli qembu likhombise ukuvuka emaqandeni.
Kukho lokho kuhlasela kweChilli Boys uKambindu udlale ngomsebenzi ngomzuzu ka-58 esephambi kwamapali ehlulwa uhlaba udle wephasi abeyibekelwe u-Eva Nga obesedlubulundelile ethwala amadoda.
Nokho akuphelanga sikhathi eside uKambindu, waligeza igama lakhe evalela phakathi igoli leChilli Boys eqedela elinye ibhola abelibekelwe wu-Eva Nga.
U-Eva Nga ubezithwalise kanzima izitobha zePirates esebenzisa izikhwepha nejubane. Nokho lo mgadli ugcine ephume ngekhadi elibomvu ngemizuzu yokugcina yokuphela komdlalo esekhombisa ukudlala ngenhliziyo.
Nakuba iChilli Boys ibisikhombisa ukuba mandla ekuhlaseleni ngesiwombe sesibili, kodwa ihlulekile ukusebenzisa ngendlela amathuba ewatholile.
UXoki ube eseshayela isipikili sokugcina evalela phakathi igoli lesithathu leZimnyama ngomzuzu ka-81, eqedela ibhola ebeligotshwe wuMaswanganyi kade kuyi-free kick emfishane ebishaywe wuTimm.