UMDLALI weKaizer Chiefs, uSifiso Hlanti, uphika eyokubambela iMamelodi Sundonws igqubu phezu kokuthi babhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership ekubeni banesikweleti sika 4-0 nayo ebabhabaze ngawo nyakenye.
IChiefs isingatha iSundowns eFNB Stadium, eSoweto namuhla ngo-8 ebusuku.
Ngokuqondana kwezinto, ehlangana emlenzeni wokuqala weligi la maqembu, iChiefs iguqe ngo 4-0 okuyisibalo samagoli esifanayo nesinikwe wuSuthu ngeledlule.
UHlanti uqale ngokucacisa ukuthi yini ebimenze wangaba khona ngeledlule bebhudubezwa ngaMaZulu kwazise emuva kwesokunxele bekugijima uHappy Mashiane, ongagculisanga.
“Ngomdlalo owedlule bengidonsa isigwebo samakhadi, okwenze kwaba buhlungu ukubuka iqembu lihlulwa ngaleya ndlela ngingenawo amandla okulisiza. Yizinto nokho lezi sonke okuhlezi kumele sizamukele, sizidlulise, sibheke phambili,” kusho uHlanti.
Ubusamile kodwa umbuzo ngentshisekelo yokugeza igama labo kwazise lowa 4-0 weSundowns kubukeka ubonele isizini.
“Ngeke ngithi ngumdlalo wamagqubu ngoba yonke imidlalo kuhlezi kushubile, ikakhulu uma udlalela iqembu elifana neKaizer Chiefs, uhlezi ulindelwe ukwenza lukhulu kuyo yonke imidlalo,” kusho uHlanti.
“Ngaphezu kwalokho, kuhlele kunenselelo yokudlala ngokuzinikela ukukhombisa inhlonipho kunobhutshuzwayo uqobo. Akuzuba ngumdlalo olula kodwa sizobe sizilungisele ngokuyikho futhi okuwufanele umdlalo walolu hlobo.”
KwiSundowns babhekene neqembu eselinqobe imidlalo engu-11 ilandelana, ekubeni bona bebuya ekwehlulweni kwemibili elandelanayo.
“Ukuhlulwa imidlalo emibili ilandelana (ehleka), kuhlale kuzoletha isimo esingamnandi kithi singabadlali. Yilapho-ke kodwa thina esesikhulile okudingeka khona sikhombise ukuvuthwa kwethu. Okumqoka wukuthi akusona isigwebo sentambo (ukuhlulwa) kodwa sidinga ukuqhubeka nokulwela ukuphendula amatafula,” kusho uHlanti.
“ISundowns kufanele siyishayele ihlombe ngomgqigqo wayo. Ngicabanga ukuthi sebedlale imidlalo engu-10 (ingu-11 eqinisweni) bengehlulwa.
“Siyawaqonda amandla abo kodwa ngeke ngenxa yalokho bese sizifakela ingcindezi singabadlali (beChiefs). Umsebenzi esibhekene nawo (wokubuyisa isithunzi ngokunqanda iSundowns) udinga siye ngemiqondo ovuthiwe nokuyinto esiyisebenzayo nasejimini. Sisebenza ngokubambisana. Sizilungisele ngokufanele.”
Eminye imidlalo yeDStv Premiership:
Golden Arrows v Maritzburg Utd, ePrincess Magogo Stadium ngo-3.30pm; Royal AM v Chippa Utd, eChatsworth Stadium ngo-3.30pm; AmaZulu v Marumo Gallants, eMoses Mabhida Stadium ngo-8 ebusuku.