UMDLALI wasemuva weKaizer Chiefs, uGiven Msimango, usephumele obala ngokuba magange kwakhe ngokuyobhekana neqembu abelidlalela, i-TS Galaxy.
I-TS Galaxy izotholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership, eMbombela Stadium, eNelspruit, ngeSonto ngo-3 ntambama.
UMsimango (26) othathwa njengomunye wabadlali basemuva abaseqophelweni eliphezulu kwiDStv Premiership, ungomunye wabadlali abagqamile abasasayiniswe yiChiefs ngaphambi kokuqala kwale sizini, esuka kwiGalaxy abeyisethenjwa nokaputeni wayo.
Ubesedlale amasizini amathathu kuleli qembu laseMpumalanga alijoyina ngesizini ka-2020/21 esuka kwiHighlands Park engasekho, neyathengwa yisikhulu seGalaxy, uTim Sukazi.
Nebala lo mdlali oyiqongqotha emuva maphakathi nendawo usefike walithola ijezi kuMakhosi njengoba esayiqale yomithathu imidlalo esadlalwe yileli qembu kule sizini esanda kuqala, okubalwa emibili yePremiership nowodwa weMTN 8.
"Yebo, kunomuzwa ohlukile ukubhekana neqembu obudlala kulona. Lapha ngisho iqembu elikunike ithuba lokudlala, ugqame ubonakale esigabeni esiphezulu sebhola eNingizimu Afrika, iPSL," kusho uMsimango.
"Kodwa njengoba manje sengiqashwe ngelinye iqembu, okuyiKaizer Chiefs futhi esingumndeni wami omusha, lokho-ke kusho ukuthi kufanele ngigxile emsebenzini engiqashele wona ngiyisize ithole amaphuzu kulo mdlalo esiyowudlala."
"Babe nezinguquko eziningi (kwiGalaxy), njenganoma yiliphi iqembu uma kuzoqala isizini entsha.
Kodwa-ke futhi bakwazile ukuthola abadlali abayikhwalithi, nokubenza badlale kahle.
Siyazi bazosinika ubunzima, kodwa esizimisele ngakho kulo mdlalo ukuwina sijabulise abalandeli bethu," kuqhuba uMsimngo.
Nakuba Amakhosi engayiqalanga kahle imidlalo yePremiership njengoba edlale ngokulingana ngo 0-0 neChippa United kowokuvula, alandelwa yisibhaxu sika 2-1 seMamelodi Sundowns, kodwa eza kulo mdlalo weGalaxy nje kuthe gidi izibindi, ngemuva kokushaya iCape Town City ngo 2-1 kuma-quarterfinal eMTN 8 ngeledlule.
Kanti nayo iThe Rockets iza kulo mdlalo nje ihambela phezu njengoba isaqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili yeLigi esayidlalile kulandela ukushaya iCape Town Spurs ngo 1-0 kowokuvula, yalandela ngokubambana ngo 0-0 neChippa United.