ISITOBHA seKaizer Chiefs, uSifiso Hlanti, sibhoboka ngobuhlungu esidlule kubona sibukela iqembu nabalandeli ngenxa yokulimala.
UHlanti ubuyele esikimini saMakhosi ngempelasonto edlule ngesikhathi iChiefs ibhekene neStellenbosch koweMTN8 eKapa. Ubedlala okokuqala kusukela alimala ngoNovemba nyakenye enqamuka umsipha ohlanganisa isithende nomlenze. Indlela adlale ngayo yonke imizuzu engu-90, ekubeni ekade esehlale isikhathi eside engalikhahleli ibhola, ishiye iningi labalandeli limncoma.
"Bekubuhlungu kakhulu. Ukuhlala ngingadlali isikhathi eside kangaka, kungiphathe kabi. Ngiyalithanda ibhola. Uma isehlakalo esinjena senzeka uzizwa ngendlela ehlukile. Kodwa futhi bekusezandleni zami njengomdlali ukuthi ngibhekana kanjani nesimo. Ngiyajabula ukuthi sengibuyile ebholeni emuva kwesikhathi eside kangaka. Ngihlale ngingadlali cishe izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisikhombisa. Ngakho ngijabule kakhulu," kusho uHlanti
UHlanti, uzobhekana neqembu lakhe lakudalala uma uChiefs isibhekene naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-5.30 ntambama.
Emuva kwamasonto ambalwa, Amakhosi azophinda noSuthu kowandulela owamanqamu weMTN8 oyimilenze emibili. Akukho okudingwa ngabalandeli beChiefs ngaphandle kokuhlangana kweqembu ngokushesha ukuze liqede isomiso sezindebe.
"Kufanele sigxile emdlalweni ophambi kwethu ngale mpelasonto. Abafana babukeka besesimeni esihle. Umqondo esinawo uwodwa. Sizimisele ukuzibona siqhubekela phambili, sizuza. Sekuphele isikhathi eside iqembu lingawini indebe. Izinto azihambanga ngohlelo. Umdlandla ukhona futhi sibheke ukubona izinto zenzeka nakuba kungeke kube lula. Sidinga ukuhlangana, senze isiqiniseko sokuthi sifaka umfutho," kusho uHlanti.
Kusasa wonke amehlo azobe ebheke kumqeqeshi u-Arthur Zwane, ukuthi abophele isikimu esizokwenza iChiefs icoshe amaphuzu agcwele. AmaZulu, asephuma esicongweni se-log yePremiership, angelinye lamaqembu ayiqale kahle isizini ka-2022/2023.
UZwane uthe ngeke bawathathe kancane AmaZulu.
"Bahlanganise abagadli abathathu abanzima okunguMhango (Gabadinho), umgadli waseNigeria (Augustine Kwem) noNtuli (Bongi). Ngaphandle kwalaba, baneqembu elihle nethimba labaqeqeshi elihle elikwaziyo elikwenzayo. Abekho kowandulela owamanqamu ngephutha. Babalwa namaqembu amathathu aphezulu kumanje. Benza kahle. Ngeke sibathathe kancane. Sizokwenza konke okusemandleni," kusho uZwane.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: SuperSport United v Mamelodi Sundowns (Lucas Moripe Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Golden Arrows v Chippa United (Princess Magogo Stadium); Stellenbosch FC v Richards Bay FC (Danie Craven).
Ngo-5.30pm: Kaizer Chiefs v AmaZulu (FNB Stadium); Sekhukhune United v Royal AM (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-8pm: TS Galaxy v Cape Town City (Mbombela Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Marumo Gallants v Swallows (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.30pm: Maritzburg United v Orlando Pirates (Harry Gwala Stadium).