OMUNYE wabaqeqeshi ezigabeni eziphansi kwiKaizer Chiefs, uVela Khumalo, ubalula ubumqoka kokweseka uCavin Johnson, obanjiswe esokuqeqesha isikimu seDStv Premiership.
UKhumalo ocija iqembu leDStv Diski Challenge, osekhiqize abadlali abanyukele esikimini esikhulu, bekuvele ukuthi uzonyuselwa esikimini esikhulu eyoba yiphini lesibili likaJohnson kodwa kwagcina kungenzekanga.
UJohnson unikezwe isikhundla sokuqeqesha iChiefs ngenyanga edlule emuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki. Emidlalweni emithathu ayihlale ebhentshini, usawine kanye wehlulwa kabili. Emdlalweni wokuqala ushaywe yiLamontville Golden Arrows, wehlula iCape Town Spurs ngaphambi kokukhala ngaphansi kwi-Orlando Pirates emdlalweni wabakhaya baseSoweto.
UKhumalo uthe kubalulekile ukuthi babambisane noJohnson bengabaqeqeshi kwiChiefs. UJohnson unomlando omude wokukhiqiza abadlali eMzansi.
“Sisebenza ndawonye. Sisebenza nesikimu esikhulu futhi sisebenza ngokubambisana. ENaturena, asinaye umqeqeshi wezinhlaka zokuthuthukisa abadlali, asinaye owesikimu esikhulu. Ngakho ngisebenza nesikimu esikhulu selokhu ngafika lapha,” kusho uKhumalo.
“Ukusebenza noCavin kuhle inqobo nje uma ukuqonda akufunayo futhi ugxila kukhona. Ungumqeqeshi omusha eqenjini, ngakho sidinga ukuyiqonda into ayifunayo futhi simeseke,” kusho uKhumalo.
UJohnson unengcindezi yokushintsha izinto kwiChiefs ephikwa yimiphumela kule sizini. Ukubanjiswa kwakhe isikhundla kuyithuba lokuzibonakalisa. Kungenzeka ukuthi uma ephumelela ukuwina imidlalo, kuzoba nzima kubaphathi ukungamniki umsebenzi ngokugcwele. IChiefs isaqhubeka nokuthungatha umqeqeshi.
Emagameni avelayo kukhona elikaRaul Caneda waseSpain nelikaSven Vandenbroeck waseBelgium obeyiphini likaHugo Broos ngesikhathi bewina i-Africa Cup of Nations (Afcon) neCameroon eGabon ngo-2017.
Ngaphezu kwalokho, kunamahlebenzi athi abaphathi beChiefs sebehlanganile nomqeqeshi uPitso Mosimane osanda kuhlukana neqembu lase-United Arab Emirates, i-Al Wahda emasontweni adlule. Nokho konke kuzoncika ekutheni bayahambisana yini nezimfuno zakhe ezihlanganisa ukufika nethimba lakhe lonke asebenza nalo. Amakhosi adinga ukuvumelana nomqeqeshi omusha ingakapheli le sizini ukuze ezoqala ukubheka abadlalii afisa ukusebenza nabo ngesizini ezayo.
IChiefs isendaweni ka-10 kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-14 emuva kwemidlalo engu-12. NgeSonto, izobhekana neMoroka Swallows eDobsonville Stadium, eSoweto, ngo-3.30 ntambama.