UKUSINGATHA kweNingizimu Afrika umqhudelwano wokuqala wezikole zase-Afrika, i-2022/2023 Caf African Schools Football Championship, kuvuse imibuzo eminingi ngokulandelelwa kwebhola lezikole kuleli.
Sekukaningi iminyango kahulumeni (owezeMfundo eyisiSekelo nowezemidlalo) bemema abezindaba bebakhombisa ukusayina izivumelwano zokusebenza ngokubambisana (MOU - Memorundum Of Understanding).
Nokho kuze kube manje lisalokhu lilikhulu igebe emidlalweni yezikole zabamnyama nabamhlophe nokuze kukapakele naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Kulo mquhudelwano osongwe eThekwini ngeSonto, kunqobe iCS Ben Sekou Sylla yaseGuinea kubafana neFountain Gate School yaseTanzania emantombazaneni.
AbaseGuinea bahlule, iClapham High School yaseNingizimu Afrika sekukhahlelwa amaphenathi emuva kokubambana ngo 1-1.
Imibuzo ekhona ithi ngabe kuhamba ngakho yini ukuthi sekungaqhakanjiswa umqhudelwano wezikole ohlanganisa i-Afrika yonkana ekubeni kusobala ukuthi kusekuningi okumele kwenziwe kuleli ukuvala igebe eliphakathi kwezikole zabamnyama nabamhlophe?
UVusi Mazibuko, oyimenenja eMoses Mabhida nowazi kahle umlando webhola lezikole kwazise ubekhona kubunjwa iSasso ephenduke yaba yi-Ussasa okuyinhlangano eyengamele ezemidlalo ezikoleni kuleli, uthe lo mqhudelwano muhle ngoba uzofundisa abakuleli ngezinga lomhlaba lemidlalo yezikole.
“Umqhudelwano wezwekazi lonke muhle ngoba uzophoqa ohulumeni bamazwe ngamazwe ukugqugquzela ukuthi nezabo izikole ziyadlala ukuze ziwele ukuyoqhudelana nabanye e-Afrika yonkana,” kusho uMazibuko.
“Kuzosiza ekutheni izingane zidlale ezikoleni zazi ukuthi sezizoqhudelana nezinye izikole ezwenikazi. Okunye esizokuhlomula nje, yimikhuba elandelwayo emhlabeni yokudlalisa izingane.
“ENingizimu Afrika sisenenkinga yokuthatha izingane ezino-12 kuya ku-14 weminyaka, uzifice zidlaliswa inkundla yonke futhi zigijinyiswa imizuzu engu-45.
“Emhlabeni jikelele, izingane zidlala imizuzu emincane, zidlala isigamu senkundla bese kuya ngokululeka ngokukhula kweminyaka. Lokho kwengeza izinga lokuthi izingane zilithinte njalo ibhola. Kukangaki kuleli ubona amapali amancane ezingane?
“Ukukwenza isibonelo nje ukuthi sisele kangakanani, sike sathatha iminyaka emibili sipheka iqembu lika-Under 15 elaliyodlala kwi-One Nation Cup. Kuyo yonke imidlalo babebhujiswa zisuka ngenxa yokuthi ngokwezinga lomhlaba, kule minyaka, kudlalwa imizuzu engu-25.
“Thina sabapheka iminyaka emibili sibadlalisa imizuzu engu-35, isigamu ngasinye. Lokho kwabalimaza ngoba bafika nalaphaya ngomqondo wokonga amandla uma kusaqalwa kodwa inkinga wukuthi babethi beqambe bewadedela, sebeshayiwe.
“Inselelo yona yinkulu kuhulumeni ekutheni kungagcini ngokusayinwa kwama-MOU kodwa kusale ulwazi, kuqashwe nabantu abafanele.”
UZizi Kodwa, onguNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli, uvumile ukuthi inkinga enkulu isasele kuhulumeni ngokudlala kwezikole ngendlela egculisayo.
“Inkinga yethu enkulu ngebhola lezikole nezinye zemidlalo ezikoleni, iqala ngokuphatha ezemidlalo ngendlela ehlukile kwezinye izifundo ezikhona ezikoleni. Ezemidlalo ezikoleni ziyinto yokwengeza kanti akumele kube njalo,” kusho uKodwa.
“Yingakho nje uzothi uma ubheka emazweni amaningi emhlabeni, futhi aphumelele kwezemidlalo, ufice umnyango wezemfundo emazingeni aphansi uhlanganiswe nowezemidlalo kwaba yinto eyodwa.
“Eminyangweni yezemfundo yezifundazwe lapha kithi, uzofika bakutshele ukuthi ezemidlalo yinto yokwenziwa uma sekuphume isikole.
“Okuhlukile manje naphambilini, wukuthi ezikoleni besinezinhlelo ezibizwa ngokuthi amaSports Wednesdays (obekusho ukuthi uLwesithathu wusuku nje lwezemidlalo, akufundwa).
“Kumele ezemidlalo zibe yingxenye esemthethweni yohlelo lokufunda. Ingxenye enkulu yengxoxo yethu nongqongqoshe u-Angie (Motshekga, weMfundo eyisiSekelo) wukuthi kuyiphutha ukuqhubeka nokuphatha ezemidlalo njengento yokwenziwa sekuphume isikole kodwa kumele sizibuyise zibe yingxenye yohlelo lokufunda.
“Sixoxa nangokuthi kuqashwe izinkakha zethu zebhola njengabaqeqeshi ezikoleni kodwa ngaphansi kwezemidlalo.”
UVeron Mosengo-Omba, ongusihlalo jikelele weConfederation of African Football, uthe lo mqhudelwano uzoklama indima enkulu ekulweni nomkhuba wokunqamula iminyaka ebholeni lase-Afrika.
“Lo mqhudelwano uzodlalwa minyaka yonke, ngakho silindele ukuthi ngomuso kuzophuma oLucas Radebe abasha. Lo mqhudelwano uzokhuthaza abaphathi bezemidlalo ezikoleni ukuthi baqikelele ukuthi kuyadlalwa futhi nezinga liyanyuka,” kusho uMosengo-Omba.