UKUQONDA kahle umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukuthi ezakhe azikawuqedi umsebenzi yize kuyizona ezisahamba phambili ngamagoli ngaphambi komdlalo womlenze wesibili womzuliswano wesibili wokuhlungela amaqoqo eCaf Champions League.
IPirates ishayele ekhaya i-Jwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 2-0 kowomlenze wokuqala eGaborone, eBotswana, ngesonto eledlule. Lokhu kuyibeka ethubeni elingcono lokudlulela esigabeni samaqoqo kwiChampions League njengoba zizotholana phezulu kowomlenze wesibili e-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-6 ntambama.
Kulo mdlalo wanamuhla iPirates idinga ukugwema ukungenelwa ngamagoli angaphezu kwamabili noma idlale ngokulingana, ekubeni iGalaxy yona ibhekene nomqansa wokushaya amagoli amathathu bese ingangenelwa goli, ukuze izokwedlulela esigabeni samaqoqo.
“Lona wumdlalo obaluleke kakhulu kithina, osibeka ethubeni elihle lokudlulela esigabeni samaqoqo okungomunye wemigomo yethu yakule sizini.
Sikulungele ukukhipha amangwevu kulo mdlalo ukuqinisa umphumela wangomdlalo womlenze wokuqala esiwunqobile ekuhambeni ngesonto eledlule.
Siyodlala neqembu esesidlale nalo izikhathi eziningana, okungelula neze ukubhekana nalo, njengoba kuyiqembu elihleleke kakhulu,” kusho uRiveiro, ekhuluma nabezindaba izolo ntambama.
“Umuntu ongawubukanga umdlalo womlenze wokuqala angazitshela ukuthi ngoba sawina ngo 2-0 nje kusho ukuthi kwakungumdlalo olula, kanti lutho, kwakuwumdlalo onzima. Okuyingakho-ke sikuqonda kahle ukubaluleka kokuthi singazikhohlisi ngokuthi sesiqedile, ngoba sisazodlala eminye imizuzu engu-90 enzima, okufanele sizibambe ziqine kuyona.
“Nokho sinesibopho sokuthi siwunqobe lo mdlalo ikakhulukazi njengoba sizobe sidlalela ekhaya, phambi kwabalandeli bethu abazophuma ngobuningi ukuzoseseka. Eqenjini elinjengePirates ukunqoba kuyinto ehlale ilindelwe ngaso sonke isikhathi, ngakho lona wumdlalo okufanele siwunqobe kumnyama kubomvu sidlulele esigabeni esilandelayo.”
Ukungenzi kahle kwePirates kulo mqhudelwano weChampions League ngesizini edlule yikho kanye okuyifakela ingcindezi yokuthi iqedele umsebenzi emdlalweni wanamuhla wasekhaya ukugwema okwayehlela ngesizini edlule kowomlenze wesibili ibhekene naleli qembu laseBotswana.
Nyakenye, i-Jwaneng yaguqisa eZimnyama emdlalweni womlenze wesibili walesi sigaba ngesizini edlule ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuba womabili la maqembu ayinqoba ngo 1-0 ngokwehlukana kuyo yomibili imilenze.
Ngaphandle nje kokwedlulela emzuliswaneni olandelayo weChampions League, eZimnyama zibhekene nenselelo yokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano ngaphansi komqeqeshi uRiveiro osenqobele leli qembu izicoco ezine zomkhumulajezi, okungezeMTN 8 neNedbank Cup.