Ibohlololo lokuqala ngebatha kweBelgium nokudlula ngembobo yenaliti kweFrance emidlalweni ye-Euro 2024 ezinkudleni ezehlukene ngoMsombuluko, akuyona into okufanele la mazwe ayifake emqondweni kwazize umdlalo wokuqala womqhudelwano uhlale unezinngqinamba ezingalindelekile.
Lokhu kuqapheleke ezinkulumweni zabaqeqeshi bala maqembu esizwe angomakhelwane, uDominc Todescu, opheka iBelgium noDidier Deschamps, weFrance.
IBelgium iqale ngebatha ikhala ngaphansi ngo 1-0 kwiSlovakia emdlalweni ka-Group E emdlalweni leli qembu eliphikelwe kuwona amagoli amabili ngenxa ye-video assistant referee (VAR), eFrankfurt Arena, eGermany.
Omakhelwane beBelgium, iFrance bona banqobe ngo 1-0 womkhonto ogwaze ekhaya kwi-Austria koka-Group D kowabo odlalwe ngoMsombuluko, eMerkur Spiel Arena.
Emuva komdlalo iBelgium ewuphathe cishe wonke futhi okuyiyona ebinamathuba amaningi okuhlohla amagoli, uTodesco uyamukele induku yize ebekhuluma sakugigiyela abebephethe umdlalo nabebenikwe igunya lokuqapha i-VAR.
“Kunzima ukwamukela umphumela walolu hlobo ikakhulukazi emdlalweni wokuqala kodwa siphoqelekile ukuba samukele izinqumo zonondweba kanjalo nalaba abebelawula i-VAR,” kusho uTodesco esithangamini nabezindaba ebesihlelwe i-Euro.
“Okwethu ukulalela okushiwo onondweba ngakho-ke uma bethi uLois (Openda), ulithinte ngesandla ibhola nokuthi, uRomelu (Lukaku), ubesemhlabeni ongafanele kuyasiphoqa ukuthi samukele.
“Imidlalo yokuqala yomqhudelwano ihlale inezinkinga zayo ngakho-ke okumqoka ukuthi sizovuka kanjani kulokhu kuqala ngebatha,” kusho uTodesco.
Yize iFrance iwinile kodwa Deschamps bekungathi ulwa nabezindaba kwesakhe isithangami nabezindaba emuva kokunqoba ngegoli elingene esiwombeni sokuqala.
Ngenxa yesikimu aqale ngaso ikakhulukazi ezitobheni, abaningi abaxhumene neFrance bayihlabile indlela leli qembu ebelibunjwe ngayo.
“Bekuwumdlalo onzima obekuphoqa ukuthi izinto sizenze ngendlela esingayijwayele kodwa ekugcineni ngineme ngoba sithole amaphuzu agcwele.
“Kunezinkulumo ngodonga lwethu lwasemuva kodwa indlela esidlale ngayo nabadlali esibasebenzisile bekulandela indlela ebesihlelele ngayo isitha esidlala ngendlela esingayijwayele.
“Okuhle ukuthi siwunqobile umdlalo wokuqala ngakho-ke sizoya kowesibili sinokuzethemba kanti nokufudumala emqhudelwaneni ngicabanga ukuthi sizobe sesingcono nakulokho,” kuphetha uDeschamps.
Imidlalo yanamuhla ye-Euro:
Ngo-3pm: Croatia v Albania
Ngo-6pm: Germany v Hungary
Ngo-9pm: Scotland v Switzerland