NAKUBA iRichards Bay iyiqale kabi isizini ka-2023/24 kodwa usihlalo wayo, uSifiso "Jomo" Biyela ukholwa ukuthi kuzofikwa esiphethweni besemaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwiDStv Premiership.
INatal Rich Boys iqhubekile nokungabajabulisi abalandeli bayo njengoba isaphikwa yimiphumela emihle.
Emdlalweni wokuqala yashaywa yiSuperSport United ngo-2-0, kowesibili yahlulwa womkhaya bayo, iLamontville Golden Arrows ngo-2-1. Kwenzeka lokhu, isizini edlule iyiqede sekuphele imidlalo ewu-14 ilandelana ihluleka wukunqoba.
Kulesi sibalo idliwe kweyishumi, yadlala ngokulingana kwemine. Leli qembu likaSibiya lagcina ukunqoba koweligi ngoJanuwari lehlula iMarumo Gallants ngo 1-0.
Le miphumula emibi necishe yalidlisa ngezembe iqembu, yenzeke ngemuva kokuyiqala ngegiya eliphezulu isizini edlule linqoba imidlalo, laze labalwa namaqembu amabili aphezulu emzuliswaneni wokuqala kwisizini edlule.
Lokhu kungenzi kahle kuholele ekutheni iBay isonge edlule isendaweni ka-13 ngamaphuzu awu-33.
Engxoxweni Isolezwe elibe nayo noBiyela, uthe phansi amaphaphu kubalandeli, ngeke kwenzeke okubehlele ngesizini edlule, bafundile emaphutheni abo.
"Sikhumbule ukuthi sinabadlali nomqeqeshi omusha. Naye ufike maphakathi namalungiselelo esizini ephezulu. Thina esingaphakathi eqenjini siyabona ukuthi kuningi okuhle okuseza. Abantu abangathuswa yimiphumela yale midlalo emibili. Uma uzoqaphela, yithina esiphisane ngamaphuzu kwiSuperSport nakwi-Arrows. Sishaywe kakhulu ukuhluleka ukugxilisa imiqondo yethu ngokuphelele kule midlalo. Maduze izinto zizoshintsha," kubeka uBiyela obezwakala ekhululekile.
Uveze ukuthi noma kanjani kule sizini bazoqeda kwi-Top 8.
"Omunye angathi ngiyazibhedela nje. Cha akunjalo. Sisayinise umlaza wabadlali. Sizobulala abantu uma beke bahlangana kahle. Nabo laba badlali nomqeqeshi bayazi ukuthi kumele sizuzeni kule sizini. Le Top 8 izokwenzeka noma kanjani. Ngesizini ezayo sizodlala kwiMTN8," kuqhuba uBiyela.
Kusasa iBay izodlala omunye womkhaya baKwaZulu-Natal naMaZulu FC ngo-5.30, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
NoSuthu luya kulo mdlalo lungakaze lunqobe nowodwa. Kwedlule lubambane ngeqanda neRoyal AM neSuperSport.
"Lo mdlalo kithina ubaluleke ngezindlela eziningi. Sizobe silwela ukunqoba okokuqala. Ukuqoqa amaphuzu amathathu kuzobuyisa ukuzethemba kubafana bami. Kwesinye isikhathi udinga ukunqoba kanye bese kuvuleka inhlanhla. Amalungiselelo omdlalo woSuthu ahambe kahle. Sithole nesikhathi esanele sokuwulungiselela njengoba ngempelasonto edlule bekuyiMTN8. Kuzoba umdlalo omnandi futhi onzima. Njengathi, noSuthu luzobe lulwela ukunqoba okokuqala. Nakuba kunjalo ngibona silugingqela khona esibayeni salo,“ kusho uBiyela.
Ngesizini edlule, ezakhe zanqoba ngo 1-0 emzuliswaneni wokuqala, owesibili waphela zibambene ngo 1-1.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Royal AM v Stellenbosch (Harry Gwala Stadium).
Ngo-8pm: SuperSport United v Cape Town City (TUT Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Polokwane City v Cape Town Spurs (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.30pm: Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Bay).
NgeSonto - Ngo-3pm: TS Galaxy v Kaizer Chiefs (Mbombel Stadium).