YIZE ehlabeke umxhwele ngendlela ezakhe ezidlale ngayo, umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrandon Truter, ukhala ngamaphutha abawenzile okuyiwona aholele ekushayweni kwabo yiSekhukhune United koweBetway Premiership.
IBay iguqiswe yiSekhukhune ngo 2-0 wamagoli kaSiphesihle Mkhize noSipho Mbule, emdlalweni wePremiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesibili.
ISekhukhune ibibuyisa izinduku kwiBay okuyiyona eyayikhipha kwi-Last 16 yeCarling Knockout Cup iyishaya ngo 1-0 emasontweni amabili edlule.
“Ngicabanga ukuthi sibe yiqembu elingcono ngesiwombe sokuqala, ebelihleleke kakhulu, kodwa senza amaphutha, basijezisa yize ngikholwa wukuthi besingabuya nephuzu kulo mdlalo. Phezu kwalokho ngiyaziqhenya ngabadlali bami ngendlela abadlale ngayo,” kusho uTruter, ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo.
“Yize singenelwe ngamagoli amabili kulo mdlalo kodwa ngijabule ngodonga lwethu lwasemuva, nasesiswini futhi sidlala kangcono kodwa phambili sidinga ukwenza kangcono. Nokho sineqembu elineningi labadlali abasebancane elikhombisa ukuhlangana. Isizini isaqala, kusazodlalwa.”
UTruter usho kanjena nje, ezakhe zibalwa namaqembu angakayiqali kahle le sizini ka-2024/2025 yePremiership njengoba zisanqobe umdlalo owodwa kuphela kweyisithupha, zehlulwa kwemithathu, zadlala ngokulingana kwemibili.
Leli qembu livivela omunye umdlalo omqoka womkhumulajezi eliyowudlala neCape Town City wama-quarterfinal eCarling Knockout eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
I-The Rich Boyz okuyiyona kuphela iqembu laKwaZulu-Natal elisasele kwiCarling Knockout, ibhekene nenselelo yokwenza kangcono kulo mqhudelwano kunangesizini edlule yafinyelela khona kweyandulela owamanqamu yaguqiswa yiStellenbosch FC ngo 1-0, nokuyiyona eyagcina ifinyelele kowamanqamu yadla isicoco.