AYIMETHUSI iMamelodi Sundowns umqeqeshi weRichards Bay FC, uVasili Manousakis, okholwa wukuthi banalo iqhinga lokunyomfa umcimbi emdlalweni weNedbank Cup.
INatal Rich Boyz izogadulisana namaBrazilians kowe-Last 32 weKe Yona eLoftus Stadium, ePitoli, namuhla ngo-7.30 ebusuku.
ISundowns yiyo ezovikela indebe eyiphakamise nyakenye, yehlula iMarumo Gallants kowamanqamu. Kuzobe kungokwesibili ibhekane ne’Bay kule sizini. Emdlalweni weligi ngenyanga edlule, iSundowns iwine ngo-2-0. Ngaphezu kwalokho, iSundowns yiyo futhi ekhiphe i’Bay kwiNedbank Cup ngesizini edlule iyixebula ngo-4-0. Ngaleso sikhathi, i’Bay ibidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
UManousakis oqeqesha ngokubambisana noPitso Dladla, uthe banalo iqhinga lokuvimba iSundowns. Ubekhuluma esithangamini nabezindaba emahhovisi ePremier Soccer League (PSL) eParktown.
"Indlela engcono yokuvimba iSundowns wukuzama ukuyiqonda okuyinto ekunika ezinye izinselelo ngoba uyavula emuva,“ kusho uManousakis.
"Sibonile ngesikhathi sidlala nayo. Kube wumdlalo weziwombe ezimbili ezingafani. Sibe nenhlanhla yokungayi ekhefini silandela emuva ngo-3-0.
“Ngesikhathi sekhefu sishintshe izinto, sabuya saqonda kuyona. Ngakho sifundile kulokho. Siyabahlonipha kodwa asibesabi. Ekugcineni ngabadlali abangu-11 abazobhekana nabanye abangu-11. Uma osukwini sifake abangu-11 abafanele, sinalo ithuba.”
Ukhuluma kanjena nje uManousakis, iSundowns ayigayelwa mphako kule sizini kwazise yephula cishe wonke amarekhodi akhona kwiDStv Premiership.
Ngaphansi komqeqeshi uRhulani Mokwena ayikaze yehlulwe.
Ngokwehlula i-Orlando Pirates ngempelasonto edlule, iSundowns ibeke irekhodi elisha lokuwina imidlalo engu-15 yeligi ilandelana.
Elinye irekhodi layo elisha ngelokuwina imidlalo eyisishiyagalombili ilandelana ekuqaleni konyaka.
Emuva komdlalo weligi neSundowns, uManousakis wezwakala ekhala ethi esiwombeni sokuqala bekungathi babuka i-Playstation ngenxa yokuthi abafana bakhe bebengaliboni elidlalayo.
"Siyayazi inselelo ephambi kwethu. Sidlala neqembu elisefomini kunawo wonke ezweni. Emuva kokudlala nabo koweligi ngikushilo engikushilo. Bayiqembu eliphambili, bayiqembu eliqeqesheke kahle kunawo wonke elishaya ngabadlali abaphambili,“ kusho uManousakis.
"Siyawazi umsebenzi osihlalele. Kodwa lona wumdlalo womkhumulajezi, awekho amaphuzu abangwayo. Sizoqonda kubona.
“Uma sihlala emuva akukhona ukuthi sizongenelwa yini yigoli kodwa wukuthi lizosingenela nini. Ngakho umdlalo sizowuyisa kubona.
“Bayiqembu eliqinile. Banamarekhodi amahle futhi siyaziqonda izibalo. Kodwa kufanele siyolwa. Sibheke ukwenza lokho.”