UZIMISELE ngokuvulela abafana abancane amathuba yize lokho kunobungozi bokumqhatha nabaphathi umqeqeshi weRichards Bay FC, uVasili Manousakis.
UManousakis ubehleli ebhentshini okokuqala njengenhloko yeNatal Rich Boys bekhala ngaphansi ngo 2-0 kwi-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto edlule, eKing Zwelithini, eMlaza.
Lo mqeqeshi uthe angabuya ukuyoqedela iziqu ze-Uefa Pro eScotland, muva nje, waqokwa kwiBay njengenhloko kodwa usazoqhubeka nokuzolekelelwa uPitso Dladla noRonnie Gabriel, ebhentshini kuleli qembu likaSifiso “Jomo” Biyela.
Nakuba ekhale ngokulinyalelwa abadlali abaningi abamqoka kodwa okucace esikimini sikaManousakis kowePirates, ukuthi abadlali abancane ngokweminyaka bazonikwa ithuba.
Emuva komdlalo, Isolezwe libuze uManousakis ukuthi ngabe sekuyiyona indlela leli qembu eselizohamba ngayo njengoba sekunguyena inhloko, wavumela phezulu.
Esikimini seBay, esiqale umdlalo wePirates, bekukhona, uLangelihle Mhlongo, ongomunye wabadlali abebegqame ukubedlula bonke enkundleni, Sibusiso Mthethwa noYonela Mbuthuma bonke abasha esigabeni esikhulu.
Ebhentshini likaManousakis bekukhona, uSibonginhlanhla Mthethwa, ongene neminyakazo emihle esiwombeni sesibili, naye akaziwa kulesi sigaba.
“Uyihlabe esikhonkosini ngokuqaphela ukuthi sinika abafana abancane amathuba kodwa-ke iqiniso ukuthi kumqoka ukuthi kwenzeke lokho ngoba kunomvuzo, yize kuyingozi ngokwemiphumela,” kusho uManousakis.
“Ngokubafaka laba bafana yize kunobungozi, ubanika ithuba elanele lokuthi bajwayele isigaba esikhulu ukuze uma sekudingeka ukuba basebenze ngesizini ezayo, leso sikhathi sibafice behambela phezulu ngenxa yokuzethemba okulethwa ukwethenjwa umqeqeshi.
“Ubungozi ukuthi ngokwemiphumela, kungenzeka ushayeke kodwa umvuzo wakhona mkhulu ingakho ngizimisele ukuyihamba le ndlela,” kuqhuba lo mqeqeshi oke wasebenza njengephini likaBenni McCarthy, kwiCape Town City nakuMaZulu FC.
“Ngesizini ezayo laba bafana bazofika sebenokukhulu ukuzethemba kusukela ezingqondweni kuya emizimbeni yabo,” kuqhuba yena.
Lo mqeqeshi ukhumbuze abezindaba ngokulimala kwemiqondo wabadlali beBay okushone uzakwabo, uSiphamandla Mtolo, kulandela ukuthi awe adlikize phambi kwabo.
“Ngizishaya isifuba ngendlela laba badlali abazinikele ngayo kulo mdlalo wePirates. Kuningi okwenzekayo ngasese ukuqinisekisa ukuthi imiqondo yabo isesimeni esifanele kulandela into enkulu abayibonile,” kusho uMaousakis.
Yize kunjalo lo mqeqeshi ugcizelele ukuthi basahlalelwe umsebenzi omkhulu emidlalweni esele njengoba “ngokwezibalo singakaphumi engozini yezembe”.
IBay esihlulwe emidlalweni eyisithupha edlule, isabambele endaweni emaqenjini akwiTop 8 kwi-log. Emdlalweni ozayo ongoMgqibelo izokwamukela omkhaya iLamontville Goden Arrows eMlaza.