USIHLALO weRichards Bay, uSifiso “Jomo” Biyela, ubona kungcono ukuthi athathe umhlalaphansi ebholeni, u-Ernst Middendorp, osanda kuqashwa yiSwallows FC ekhale ngaphansi kwiNatal Rich Boys kowokuvala unyaka ngempelasonto edlule, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ngemuva kwale wini ka-1-0, egcine iRichards Bay endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-26, uMiddendorp ukhwele wadilika konondweba abebephethe umdlalo ebasola ngokwenzelela iqembu lasekhaya.
Uphinde wahlikiza abadlali beRichards Bay, ebasola ngokumosha isikhathi umdlalo uqala kwaze kwaba uyaphela.
“Wonke umuntu ubonile ukuthi sincishwe amaphenathi amabili esiwombeni sesibili ngakho-ke angazi ukuthi nifuna ngithini,” kusho uMiddendorp esikaza ukuziba abezindaba.
“Kunezinqumo eziningi ezingishiye ngingaqondi. Lo mdlalo ubungekho kwithelevishini ngakho-ke wonke umuntu okhaliphile ubonile ukuthi bekwenziwani la. Abadlali beBay basimoshe isikhathi umdlalo uqala kwaze kwaba uyaphela kodwa lutho ukukhuzwa,” kusho lo mqeqeshi ngolaka.
Akuzange nokho kwehle kahle lokhu kuBiyela okhumbuze uMiddendorp ngomlando wakhe wokuvika izembe ebholeni lakuleli wase eveza umbono wokuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi lo mqeqeshi waseGermany oneminyaka engu-64 ubudala, athi khumu ebholeni elikhokhelayo.
“UMiddendorp ungomunye walaba baqeqeshi engicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthatha umhlalaphansi kubona,” kusho uBiyela.
“Ngicabanga ukuthi kufanele ayimunyunge manje indaba yokuthatha umhlalaphansi. Siyazihlonipha zonke izitha kwiRichards Bay (okuhlanganisa naye uMiddendorp), okwenza silindele into efanayo nakuzona kodwa yena akanjalo.
“Umlando umile ekutheni uwumqeqeshi osuka emaqenjini alwela ukuvika izembe ngako-ke angacabangi ukuthi uzofika la kithina asifunze ngenkani ukuthi uwumqeqeshi weqophelo elipheuzlu.
“Uma efuna inhlonipho kufanele asebenze ngokuzikhandla kulokhu aqashelwe khona kodwa angezi lapha ezosibukela phansi ngoba lokhu asikwamukeli,” kusho uBiyela.
Ngemuva komdlalo, kusuke isidumo lapho amabhentshi anhlangothi zombili ebekhombana ngeminwe, kucaca ukuthi kusweleka ozogadla.
UPitso Dladla opheka iRichards Bay, uthe uyaqonda ukuthi umdlalo kanobhutshuzwayo uyayikhuphula imimoya kodwa akambambele igqubu uMiddendorp.
“Indaba iqale ngokuthi uMiddendorp acasulwe wumdlali wakhe obefuna ukukhipha ngaphandle ibhola ngoba kulimele uNtsikelelo (Nyauza weBay).
“Kuqale lapho ukujikijelana ngamazwi zinhlangothi zombili kodwa kungichazile ukuthi ngisho sixabana ubengibiza ngegama.
“Uqale wanqaba ukuxhawula ngemuva komdlalo kodwa uphinde wehla ngokomoya, saxhuwulana okuyinto ejwayelekile ebholeni,” kusho uDladla.
IBay izokwamukela iMamelodi Sundowns kowayo olandelayo weligi ngoLwesihlanu kodwa i’Downs eqhwakele kwi-log, izoqala ishukane nezikaMiddendorp, iSwallows namuhla ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versveld.