AKABONI ukuqhubeka kwiNedbank Cup kuzophazamisa impi yokuvika izembe kwiDStv Premiership umqeqeshi weRichards Bay FC, uVusumuzi Vilakazi.
Kunalokho uVikalazi ubona ukuhamba ibanga kulo mqhudelwano kungabasiza bakhuphule izinga lokuzethemba.
INatal Rich Boyz idlulele kwiLast 16 yalo mqhudelwano ngesikhathi iguqisa iPolokwane City ngo 3-2 koweLast 32 obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo.
Amagoli ezikaVilakazi aqhamuke kuJustin Figuareido, uThulani Gumede wahlohla amabili. AweRise and Shine ashaywe nguDouglas Mapfumo noTholo Matuludi.
Kuyiwe ekhefini iBay ihamba phambili ngo 2-1, iCity yalinganisa esiwombeni sesibili ngaphambi kokuthi uGumede abeke ezakhe emzuliswaneni olandelayo. Okukhathaze uVilakazi ngalo mdlalo indlela abangenise ngayo amagoli amabili.
“Ngicabanga ukuthi abadlali kumele bazi ukuthi ibhola liwumdlalo oneziwombe ezimbili futhi zombili zibaluleke kakhulu. Uma uya ekhefini uhamba phambili, kusuke kusobala ukuthi izitha zizobuya ngamandla esiwombeni sesibili. Basebenzile abadlali bethu kodwa besidinga ukuqina emuva,” usho kanje.
“Ngeshwa ebholeni uma ufuna ukuthuthukisa indlela ohlasela ngayo kwesinye isikhathi iphazamisa indlela ovala ngayo emuva. Ngicabanga ukuthi yilokho okwenzeka kithina ngoba emdlalweni wethu wokugcina besakhe amathuba amaningi sashaya igoli elilodwa. Sigxile kakhulu ekuyeni phambili kodwa sangamaka kahle.
“Kumele sibuyele emuva sizame ukukulungisa lokho. Ngicabanga ukuthi uma singenza isiqiniseko sokuthi asingenelwa ngamagoli singayinqoba imidlalo ngoba sihlale siwakha amathuba okushaya amagoli.”
INatal Rich Boyz isendaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-13 emidlalweni angu-17. Ilishiya ngamaphuzu ayisithupha iqembu elisemsileni, iCape Town Spurs.
Izoqhubeka nokulwela ukuvika izembe uma isibhekene neRoyal AM ngoMgqibelo.
“Ngicabanga ukuthi ukunqoba lo mdlalo kuzoba nomthelela omuhle emiqondweni yabadlali njengoba sesibheke emdlalweni olandelayo. Okusemqoka kithina wukuzethemba ukuze siye kuwona abadlali bazi futhi bekholwa ukuthi bangayinqoba imidlalo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Ngiyazi ukuthi abantu bathi ukudlala kwiNedbank Cup kuzosiphazamisa kodwa kumele sikhuphule izinga lokuzethemba. Uma singasebenzisa le midlalo yomkhumulajezi ukwenza lokho, kufanele senze kanjalo.
“Njengamanje sizogxila emdlalweni olandelayo neRoyal AM, sizame ukuthola amaphuzu aphelele bese siyabona ukuthi siya kanjani kolandelayo neChippa. Akubuzwa ukuthi la maphuzu ayisithupha esizowalwela abaluleke kangakani,” kuphetha yena.