ISETHENJWA seRichards Bay FC, uSomila Ntsundwana, sisikhomba emidlalweni edlule isixazululo sesimo sokuhluleka ukuwina ababhekene naso.
INatal Rich Boyz ifike ngesivuvu kwiDStv Premiership, yaqoqa amaphuzu, yahlala endaweni yesibili kwi-log ngemuva kweMamelodi Sundowns, isikhathi eside. Kade sekukhulunywa nangamathuba ayo okuyodlala kwiCaf Champions League ngesizini yokuqala ifike kwiPremiership.
Nokho itshe seligaya ngomunye umhlathi manje njengoba leli qembu selisengcupheni yokuphuma ngisho kwi-Top 8. IBay, esendaweni yesithupha kwi-log, isawine kanye emidlalweni engu-10 kulo nyaka uma kubalwa noweNedbank Cup Last 32 ehlulwe kuwona yiMamelodi Sundowns. Igcine ukuwina ngoJanuwari 14, yehlula iMarumo Gallants ekuhambeni.
UNtsundwana uthe ikhambi lisemidlalweni edlule abebebhincisela nxanye amaqembu kuyona besafika kwiPremiership.
"Sidinga ukusishintsha lesi simo. Siyakhuluma singabadlali ukuthi kufanele sibhukule ukuze kungaphazamiseki ebesizibekele ukukuzuza kule sizini. Singakhuluma konke kodwa kusezandleni zethu ukushintsha isimo. Kufanele sishintshe indlela yokucabanga manje.
“Ngokwami ngibona kufanele sibuyele ezintweni ebesizenza futhi zisisebenzela ngesikhathi sisawina. Asibuyele kumifanekiso yemidlalo edlule, sibheke izinto ebezenza siwine, sibuyele kuzona ukuze sizolungisa isimo esibhekene naso. Ngaphezu kwakho konke, sidinga ukubambisana," kusho uNtsundwana.
IBay izokwamukela i-Orlando Pirates emdlalweni wePremiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusasa ngo-3 ntambama. EZimnyama zibheke ukuthola amaphuzu agcwele njengoba zisembhidlangweni wokuthola indawo kwiCaf Champions League uma ziphethe endaweni yesibili. I-Caf Confederation Cup sekungaba wumthoba-nhliziyo uma ziphelele endaweni yesithathu.
"IPirates yiqembu elikhulu. Bonke abadlali abadingi ukugqugquzelwa uma bezodlala nayo. Kule fomu ephansi esikuyona, asikho esinye isikhathi esifanele njengalesi sokudlala nePirates. Siyakwazi okufanele sikudlalele. Sinenhlanhla yokuthi yize izinto zingasihambeli kahle kodwa asikaphumi kwi-Top 8. Kufanele sibhukule ukuze siphume namaphuzu amathathu," kusho uNtsundwana.