UNOZINTI weRichards Bay FC, uMalcolm Jacobs, ubhoboka ngobuhlungu bokungadlaliswa kuleli qembu alisize lenyukela kwiDStv Premiership.
UJacobs, obengomunye wabadlali abaqavile kwiNatal Rich Boyz ngesikhathi iwina iligi yeMotsepe Foundation Championship, uthwale ubunzima zibekwa kwiPremiership edlelwa ijezi ngunozinti wase-Uganda, uSalim Magoola.
Ugcine evimbe emidlalweni emibili kuphela yeligi. Ngesizini yokugcina kwiChampionship, uMalcolm uvimbe emidlalweni engu-27.
Uthe bekubuhlungu ukungadlali ngesizini edlule.
“USalim ulisebenzisile ithuba alinikeziwe. Unikwe ithuba walibamba ngezandla zombili. Ekhempini yethu, ethimbeni lethu lonozinti, siyesekana kodwa kimi bekunzima, bekubuhlungu futhi kungilimazile nasemqondweni (ukungalitholi ijezi),” kusho uJacobs.
“Ngesizini eyandulela edlule nginyukele phezulu neqembu futhi bengibona ukuthi ngingenye yezinsika eqenjini.
"Ukungalitholi kodwa ithuba lokudlala (ngedlule) ebengikholwa wukuthi kufanele ngabe ngiyalithola kungilimazile emqondweni.
“Nokho sengiluleme kulokho futhi ngifuna ukusebenza ngokuzikhandla ngibuyise engikholwa wukuthi kungokwami.”
IBay izakhele ugazi kwabaningi ngendlela eqale ngayo isizini eyedlule yePremiership phezu kokuba ibingomakoti.
Nokho itshe ligaye ngomunye umhlathi ngomzuliswano wesibili, yagcina isilwela ukuvika izembe.
Ngaphandle kukaMagoola, ijezi lonozinti kwiRich Boyz uJacobs ulibanga noNeil Boshoff osayine kuleli qembu ebalekiswa yibhentshi kuMaZulu FC ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023.
UBoshoff udlale imidlalo eyisihlanu yeligi. Leli phephandaba lithole ukuthi iRich Boyz ihlola uJackson Mabokgwane wodumo kwi-Orlando Pirates.
Ukufika komqeqeshi omusha kwiBay, uKaitano Tembo, kuzonika bonke abadlali ithuba elilinganayo lokulwela isikimu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024.
“Inzima indawo kanozinti esigabeni esikhokhelayo ngoba kudlala oyedwa kuphela. Uma edlala njalo, kufanele umeseke ngoba uma ithuba lakho lifika nawe uthola ukwesekwa okufanayo,” kusho uJacobs.
“Engizokwenza kodwa kulokhu, wukusebenza ngokuzikhandla ngigxile kulokhu obekungisebenzela esikhathini esidlule.
“Ngijabule ukuba kwiRichards Bay ngoba kuyinto enkulu kimi futhi abantu bayo bangiphethe kahle.
“Ngifuna ukubakhokhela ngalokho. Kwesinye isikhathi kuthiwa inselelo ihambisana nomvuzo.
“Ngesizini edlule izinto azingihambelanga kahle kodwa lena kuzoba ngehluke kakhulu. Ngifuna ukukhombisa abantu uMalcolm.”