OYIPHINI lomqeqeshi kwiRichards Bay FC, uRonnie Gabriel, uthe unethemba lokuthi ezakhe zizoqhela ezembeni ngemuva kokuguqisa AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership wabakhaya baKwaZulu-Natal, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesibili ebusuku.
IRichards Bay, okumanje isendaweni ka-15 kwi-log yePremiership, ukunqoba kwayo kubuyise ithemba ngokubalekela kwayo izembe.
Inqobe ibuya endukwini ka 1-0 eyithole kwiCape Town Spurs ngoLwesihlanu olwedlule, okuyiqembu esempini efanayo nalo yokubalekela izembe.
IBay isalelwe yimidlalo emine ebukeka ingelula neze, nokuyiyona ezocacisa ngamathuba ayo okubalekela ukuyodlala amaPlay-Off ekupheleni kwale sizini.
“Kusidumazile ukushaywa yiCape Town Spurs, ngoba akuwona umdlalo obekufanele sihlulwe kuwona, sibe namaphutha nje ambalwa ngoba besingabuya nalo iphuzu kuloya mdlalo.
Okuyingakho size kulo mdlalo wethu naMaZulu sizimisele ngokungaphindi amaphutha afanayo.
Siyakuqonda ukuthi sisabhekene nempi esazoqhubeka kuze kube ngumdlalo wokugcina wesizini. Ngakho sizoqhubeka sithathe umdlalo ngamunye, silwele amaphuzu kuze kube sekugcineni,” kusho uGabriel.
Uthe ubona umehluko omkhulu kuleli qembu nomoya wokulwela ukunqoba emidlalweni yakamuva, kusukela behlulwe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 koweligi.
“Sidlala neSundowns sangenelwa yigoli umdlalo sekusele kancane uphele, okungumdlalo esadlala kahle kakhulu kuwona kodwa saba nephutha ngemizuzu yokugcina. Ngakho emdlalweni wethu owalandela neSwallows (Moroka) sakwazi ukuwalungisa amaphutha sanqoba, saphinda sanqoba kolandelayo futhi sidlala neChiefs ngaphambi kokushaywa yiSpurs.
Ngakho ngibona omkhulu umehluko kuleli qembu, yingakho ngikholwa wukuthi sizokwazi ukubuya namaphuzu emidlalweni elandelayo sisuke kule ndawo sikwazi nokujoja iSwallows ephambi kwethu.
Abadlali esinabo bakhombisa okukhulu ukuzimisela futhi bazinikele ekulifeleni iqembu. Ngeke ngibakhohlwe nabalandeli bethu abalokhu beqhubeke njalo nokuseseka ngisho singenzi kahle.”