AKAZIMISELE ngokuzikhathaza ngeqembu eliza ngemuva kwabo, umqeqeshi weRichards Bay, uVusumuzi " Kanu" Vilakazi, njengoba ubonakala uya ngokushuba umbango wamaqembu abalekela izembe kwiDStv Premiership.
Ngempelasonto, edlule iBay ibambane ngo 0-0 neTS Galaxy eKing Zwelithini Stadium.
Asisihle neze isimo kuleli qembu likaSifiso Jomo Biyela. Selokhu kuqale isizini lisemaqenjini azama ukuvika izembe.
Empeleni le nkinga iqale ngesizini edlule.
Nakuyo liphunyuke ezembeni ngembobo yenaliti.
Lisendaweni ka-15 ngamaphuzu awu-14, emidlalweni ewu-20.
Lisanqobe imidlalo emithathu kuphela.
Kweyokugcina kuvale iCape Town Spurs ngawu-12 emidlalweni eyisibalo esifanayo. Isimo seBay sifana ncamashi nesomkhaya bayo AmaZulu. Bobabili abakanqobi nowodwa kulo nyaka.
IBay yagcina ukunqoba kwiligi ngoDisemba 30, ishaya iSuperSport United ngo-3-1. Kwakuwumdlalo wokuqala ngaphansi kobuholi bukaVilakazi othathe izintambo kuKaitano Tembo okhonjwe indlela ngoKhisimusi.
Ngemuva kwalo mdlalo ishaywe iSekhukhune ngo-3-1, iRoyal AM ngo-2-1 neChippa United ngo-3-0.
Osekwenza isimo sishube kakhulu ukuthi neSpurs ibukeka ivuka emaqandeni.
Ngempelasonto edlule iSpurs idlale ngokulingana nomkhaya bayo iStellenbosch. Kweyandulela lo mdlalo ibidlale ngokulingana ne-Orlando Pirates, yashaya iGalaxy ngo-2-0 noSuthu ngo-3-1.
Kulo nyaka iBay isanqobe kuphela kwiPolokwane City ngo-3-2 koweLast 32 Nedbank Cup. UVilakazi uthe nakuba bebefuna amaphuzu amathathu kodwa imjabulisile indlela abafana bakhe abadlale ngayo bebhekene neGalaxy.
"Bekungewona umphumela ebesiwufuna. Nakuba kunjalo ngibabonga kakhulu abadlali bami ngomfutho abawufakile kulo mdlalo. Ukubheka phambili kumele sakhele phezu kwebhola esilidlalile. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siyenqaba ukwehlulwa ukuze sisuke kule ndawo esikuyo. Kusukela manje silwela amaphuzu awu-32. Ngokubheka isimo kukhona okuhle esizokuzuza kula maphuzu," kuchaza uVilakazi obezwakala ekhululekile.
Ebuzwa uVilakazi ukuthi bazizwa kanjani njengoba iSpurs ibukeka ivuka emaqandeni, uthe: "Sigxile kubantu abangaphambi kwethu ngoba nabo lisengabadla izembe. Asizihluphi ngabangemuva kwethu. Yebo siyazi ukuthi iSpurs idlale ngokulingana neStellies. Bekuzoba kuhle ukube sinqobile kwiGalaxy. Imiqondo yethu njengamanje igxile emdlalweni olandelayo. Kumele sinqobe noma kanjani". NgoMgqibelo, iBay izobhekana neSuperSport United, ngo-3 ntambama, khona eKing Zwelithini Stadium, koweLast 16 weNedbank Cup.