UJABULISE okwengane encane umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ngethuba lokuhola ziqhubeka namalungiselelo e-2023 Fifa Women’s World Cup ngokungcweka namazwe aphesheya.
Izolo iSouth African Football Association (Safa) iveze ukuthi iBanyana izongcweka kwiTurkish Women’s Cup, eTurkey, phakathi kukaFebhuwari 13 no-23.
“Sijabule kakhulu ngethuba lokuyodlala kwiTurkish Cup. Izosisiza ngoba kwiWorld Cup siqhathwe neSweden ne-Italy okuyizimbangi zase-Europe bese kuba khona i-Argentina evela eSouth America,” kusho u-Ellis.
“Okusijabulisa kakhulu wukuthi sizobezwa kahle bonke kwazise sidlala nezwe lase-Europe kwiTurkey kanti kwiVenezuela sizongcweka nabaseSouth America. Kufanele siyibonge kakhulu iSouth African Football Association ngokusihlanganisela le midlalo edidiyele izimbangi zase-Europe nezaseSouth America.”
IBanyana, ezodlala okwesibili emlandweni weNdebe yoMhlaba, iqhathwe ne-Italy, Sweden ne-Argentina njengalokhu esho u-Ellis.
INdebe yoMhlaba izodlalelwa e-Australia naseNew Zealand ngoJulayi 20 kuya ku-Agasti 20.
“Singalibali abakwaSasol ngokuwa bevuka nathi sonke lesi sikhathi,” kusho lo mqeqeshi.
Okunye okuhlaba umxhwele lo mqeqeshi wukubuya kwemidlalo yeHollywoodbets Super League eqala ngeSonto kwazise kusho ukuthi abadlali bazobe beqala bebuyela esimeni sokudlala emuva kwekhefu.
“Ngijabule kakhulu ngokubuya kwemidlalo yeligi. Siyazi amaqembu asebe nesikhashana esithe xaxa enza amalungiselelo okuqala isizini njengoba iqala nayo ngomhla ka-5,” kusho u-Ellis.
“Sikubheke ngabomvu ukuqala kweligi kwazise akukho esingakwenza (eqenjini) lesizwe ngaphandle kwabo, sihlale siyongqongqoza eminyangweni yabo.”