UNCOME iqembu lakhe ngokuphakamisa izinga emdlalweni wesibili neJamaica yize bephinde bakhala ngaphansi umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis.
IBanyana Banyana ibhekane neJamaica emidlalweni emibili yobungani ebiseMontego Bay Sports Complex. Kowokuqala obungoMgqibelo iReggae Girlz izidlulele kalula ngo 3-0, kodwa kowesibili ibuye seyilandela ngemuva yagcina inqobe ngo 3-2.
Amagoli eBanyana ashaywe nguLinda Motlhalo no-Amogelang Motau ngokwehlukana kweziwombe, aweJamaica ashaywa nguVyan Sampson, Drew Spence noKayla McKenna.
Igoli lesibili leJamaica lisuse impikiswano ngenxa yokuthi kubonakale sengathi ibhola limthinte esandleni uSpence nokuyinto ecasule umqeqeshi weBanyana.
“Ngiphoxekile, hhayi ngendlela iqembu elidlale ngayo, kodwa ngenxa yezinqumo ezingahambanga kahle. Umsizi kanompempe uphakamise ifulegi waphinde walehlisa. Kukhona nalapho ebesingathola khona amaphenathi kodwa kwangenzeka. Ngaphandle kwalokho, ngiyaziqhenya ngendlela esidlale ngayo,” kusho u-Ellis.
"Besazi ukuthi siyiqembu elingcono kunalokhu esikukhombisile emdlalweni odlule, yize besibophele abadlali abasebancane. Sidlale ngendlela ebesihlose ukudlala ngayo. Besingenza kangcono phambili, kodwa besingenaye umgadli wangempela ngenxa yokuhoxa kwabadlali sekufanele size lapha.”
U-Ellis uthe ukumelana neqembu elinamandla njengeJamaica ekubeni bengaphelele kukhombisa ukuthi asahamba kahle amalungiselelo eWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ezoba seMorocco ngonyaka ozayo ngoJulayi.
“Sinenqwaba yabadlali abamqoka abangakwazanga ukuba yingxenye yalolu hambo, ngakho-ke kuyathembisa ukuthi sisaqhuba kahle. Asiyitholanga imiphumela ebesiyifuna kodwa lokho akuyona into ebesiyibheke kakhulu,” kuqhuba u-Ellis.
"Silungiselela ukuvikela isicoco seWafcon ngonyaka ozayo futhi sibona amalungiselelo ehamba kahle. Besazi ukuthi iJamaica izosidalela izinkinga ngamandla nesivinini kodwa sikhombisile ukuthi sinabadlali abasebancane asebeqalile ukuthuthuka.
"Nakuba besingenaye umgadli ophelele kodwa sikhombisile ukuthi singakwazi ukuzihlela ngezindlela ezehlukene enkundleni. Asiqondile ukubeka izaba kodwa isikhathi eside esisichithe endleleni sibe nomthelela emdlalweni wokuqala. Ukuba nesikhathi esithe xaxa sokulungiselela umdlalo wesibili yikhona okwenze sabona iBanyana Banyana engcono.”
IBanyana Banyana izoqhubeka namalungiselelo eWafcon ngonyaka ozayo. Isalelwe amawindi amathathu emidlalo yamazwe ngamazwe ngaphambi kokuthi kuqale lo mqhudelwano. Elokuqala lizoba ngoFebhuwari, elesibili libe ngo-Ephreli bese kuthi elokugcina libe ngasekupheleni kukaJuni.