INKAKHA yeBafana Bafana, uNasief Morris, eyiphini likaShaun Bartlett, naye onomlando omude neqembu lesizwe laseNingizimu Africa, ifisa kuqhubeke ukunganakwa kweCape Town Spurs elokhu inombele njalo kwi-log yeMotsepe Foundation Championship.
ISpurs ethole induku phakathi nesonto, ibuyise injabulo kulaba baqeqeshi ngeSonto, ngesikhathi iwaqoqa egcwele kwiMagesi FC kaClinton Larsen, e-Athlone Stadium, eKapa.
Kulo mdlalo obunzima nhlangothi zombili, kudlalwe kwaze kwaba isiwombe sesibili lapho uJarrod Moroole, ebe khona iqhawe ngokushayela iqembu lasekhaya igoli okube yilo lodwa lomdlalo.
Le wini ibeke iSpurs endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-26 njengoba isizini isizongena kuvuthondaba.
UMorris ufisa kuqhubeke kuthuleke ngamathuba eSpurs okukhushulelwa esigabeni esikhulu (DStv Premiership) ngesizini ezayo.
“Sijatshuliswa izimpawu zokuhlangana kwezinto ngokushesha njengoba isizini ilokhu iqhubeka ngakho-ke sifisa ukuthi kulokhu kuqhubeka nje,” kusho lo mqeqeshi odlale eGreece naseSpain, engakawagaxi emgibeni amakhokho.
“Uma kuhamba ngale ndlela, kungabibikho ozosinaka kepha thina siqhubeke nokuqoqa amaphuzu njengoba senzile, kuyobe kwenzeka ngendlela esifisa ngayo ngoba indawo esikuyo manje, sifisa ukuba ngabe sikuyona nje kodwa sekuyiwa ngasemaphethelweni esizini.”
Yize iPolokwane City ikhale ngaphansi ngo-3-1 kubakhaya bayo iBaroka FC, ezikaDuncan Lechesa, zisaqhwakele ngamaphuzu angu-30 yize sekungenxa yezibalo zamagoli kuphela.
ICasric Stars yiyo ebambene nePolokwane esicongweni kodwa ngabe izihambela yodwa ukube iphumelele ukunqoba kwiHungry Lions lapho umdlalo ugcine uphele ngo-0-0.
Elinye iqembu elilokhu likhule njalo ngaphansi kwesandla sikaKwanele Kopo, yiPretoria Callies ebhubhudle abakhaya bayo, i-University of Pretoria ngo-3-0.
Uthongathi FC ne-All Stars banqobe ekuhambeni kwiBlack Leopards neLa Masia ngokwahlukana, okushovele la maqembu amabili phansi kwi-log.
Ziphinde zahlala obala izinkinga zeTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) esanda kumisa umqeqeshi, uLucky Nelukau, ngesikhathi inenebulwa i-JDR Stars ngo-5-0.
Igqine isukile emsileni iVenda Football Academy ewine ngo-1-0 sekuvalwe amehlo kwiPlatinum City Rovers.
Isiyonke imiphumela yangempelasonto yeMotsepe Foundation Championship ihambe kanje:
La Masia 1-2 All Stars; Baroka 2-1 Polokwane City; Hungry Lions 0-0 Casric Stars; University of Pretoria 0-3 Pretoria Callies; Black Leopards 1-2 Uthongathi; Cape Town Spurs 1-0 Magesi; Platinum City Rover 0-1 Venda Football Club; TTM 0-5 JDR Stars.