NAKUBA ejabule uHenry Basie, ongumqeqeshi weHungry Lions, ngokubhekana ne-Orlando Pirates, koweNedbank Cup kodwa limshayisa ngengebhe ibhola elidlalwa eZimnyama.
ILions edlala ngaphansi kweMotsepe Foundation Championship, izobhekana neZimnyama ezingompetha bomqhudelwano, koweLast 16, kusasa ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium.
KwiLast 32, iLions yasePostmasbury, Northern Cape, idlule kozakwabo beChampionship, iJDR Stars.
IPirates esisinqobe kathathu isicoco, idlule kwiCrystal Lake egijima kwi-ABC Motsepe League, eMpumalanga. ILions iya emdlalweni iphuma esibhaxwini se-University of Pretoria koweligi ngempelasonto edlule.
Ngakolunye uhlangothi iPirates ishaye izimbangi zayo ezinkulu, iKaizer Chiefs koweDStv Premiership.
ILions kayiyintsha kwiNedbank Cup. Ngesizini ka-2019/20, isadlala kwi-ABC Motsepe, yaphuma kwiLast 16. Esigabeni sokuqala yashaya iJomo Cosmos.
UHenry ongumshana kaStefaans Basie ongusihlalo weLions, uthe cishe wonke umuntu uwubheke ngabomvu umdlalo wePirates endaweni yangakubo ePostmasbury, naseNorthern Cape jikelele. Uqhube wathi ngaphandle kwezinhlelo zeqembu zokulekelela abalandeli babo ukuya e-Orlando, uthole nokuthi nasemaceleni kunamaqoqo emphakathini azihlanganisela izindlela zokuya e-Orlando.
"IHungry Lions iyiqembu eliphuma endaweni encane iPostmasbury. Nasesifundazweni sethu asinaqembu elidlala kwiDStv Premiership. Endaweni yethu wonke umuntu uwubheke ngabomvu umdlalo. Singama nse, isifundazwe sethu uma singanqoba lo mdlalo," kubeka uHenry.
Ebuzwa ukuthi uwabona emangakanani amathuba okudlula kweZimnyama ezicijwa uJose Riveiro?
Uphefumulele phezulu, wathi: "Siyayihlonipha iPirates, asisondeli nakancane ezingeni layo. Nakuba kunjalo, sonke siyazi ukuthi kwenzeka izimanga ebholeni. Futhi-ke iNedbank inomlando wamaqembu amancane ajwayele ukudla amakhulu. Kuyasijabulisa kakhulu ukudlala nePirates. Ukubhekana nayo kuzomaketha iqembu lethu ngezindlela eziningi. Iyiqembu elikhulu. Ngeke ngiqambe amanga, ngakolunye uhlangothi lukhona lolo valo. Idlala ibhola elihle kakhulu kule sizini. Siyazi nokuthi ifuna ukuyivikela neNedbank njengoba yenzile kwiMTN8. Engingakusho ukuthi sizolwa ngakho konke.“
EZimnyama azinalo ibhadi lokushaywa amaqembu amancane kulo mqhudelwano. Nokho ngesizini ka-2013/14, zangena ehlazweni zikhishwa kwiLast 32, yiMaluti FET College yaseFree State, eyayidlala kwi-ABC Motsepe. Ngesizini edlule iPirates ithathe lesi sicoco kwiSekhukhune United, kowamanqamu eLoftus Versfeld Stadium.