ESINYE sezithenjwa zeLamontville Golden Arrows, uTebogo Tlolane, sifisa ukuthi siqhubeke nokushisa singabaselwe uma sibhekene neKaizer Chiefs.
Lo mdlali oyibamba ohlangothini lwesokudla, ufike kuBafana Be'sthende ekuqaleni kwesizini ephuma kwiMaritzburg United.
Wayekade eqale ukufika kuyona ngokubolekiswa yi-Orlando Pirates emuva ejoyine eZimnyama ngo-2019, ephuma kwiChippa United, wangalithola ithuba lokuziveza kuzo.
Zimbolekise amasizini amathathu eMphithi ngaphambi kokuthi zimdedele ngokuphelele. Ngempelasonto edlule, uTlolane ubuye ngegoli ngesikhathi i-Arrows ishaya ngo-3-1, iCape Town City koweLast 16 Carling Knockout Cup. Wayekade egcine ukudlala maphakathi noSepthemba bebembana ngeqanda neStellenbosch. Ungomunye wabadlali okubhekeke ukuthi bathwese iChiefs ubunzima koweDStv Premiership abazowudlala kusasa, ngo-3.30 ntambama, eMpumalanga Stadium.
Amakhosi azoya kulo mdlalo nomqeqeshi omusha uCavin Johnson obanjiswe izintambo ngemuva kokuxoshwa kukaMolefi Ntseki obephikwa imiphimela emihle.
UTlolane uthe akudokwe eligayelwe yena ukuthi kwenzekani kwiChiefs, akufisayo ukuthi aqhubeke njalo ngokuba wumlilo oba wubuhanguhangu uma ebhekene nayo.
"Ngicabanga ukuthi konke kuqala ekutheni awudingi kugqugquzelwa uma uzobhekana neChiefs. Kuwo wonke amaqembu esengiwadlalelile uma ngibhekene nayo ngiphenduka umshini. Angazi ukuthi yini le evele yenzeke kumina. IChiefs ngiyibiza ngesitobha. Ima ithelekile kuyagcwala, kuma yonke into, akunyakazeki. Inkundla igcwala phama. Yiko kanye lokhu engicabanga ukuthi kuyangikhuthaza.
"Sikhulumile singabadlali ukuthi ukudlala nayo akungasithwesi ingcindezi. Kumele sijabulele ukudlala ngaphansi kwaleli sasasa elikhona. Sengibhekane kaningi neChiefs eminyakeni edlule. Nakulokhu ngihlose ukuyethwesa ubunzima uma abaqeqeshi benginike ithuba," kubeka uTlolane obezikhululekele.
Uthe wethemba nokuthi ukushaya igoli ngempelasonto edlule kuzomnika umfutho omusha.
"Inhloso yami enkulu yokuza kwi-Arrows ukuyisiza ukufeza ekufunayo. Kuyangijabulisa ukuthi ngigcine ngilishayile igoli. Ngicabanga ukuthi bese kuphele iminyaka emibili ngagcina. Ngaphambi komdlalo weCity, umqeqeshi uze kumina wathi, ndoda shaya igoli phela. Ngempela kwenzekile.“
Selokhu iqalile isizini ka-2023/24, Abafana Bes'thende basashaywe yiMamelodi Sundowns kuphela kwiligi. Banqobe emihlanu, badlala emibili ngokulingana.
UTlolane uthe nakuba bengafuni ukuzethwesa ingcindezi kodwa bangakujabuela ukusonga iligi besendaweni ezobanika ithikithi lokudlala kweyeCaf.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Orlando Pirates v Polokwane City (Orlando Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Golden Arrows v Kaizer Chiefs (Mpumalanga Stadium).
Ngo-5.45pm: Chippa United v AmaZulu (Nelson Mandela Bay Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: TS Galaxy v Sekhukhune United (Mbombela Stadium); Richards Bay v Cape Town City (King Zwelithini Stadium).