UKWEHLULEKA ukuzibekisela indawo kwiTop 8, amasizini elandelana kuyamkhathaza uNduduzo “Sulumane” Sibiya, umdlali ogijima esiswini seLamontville Golden Arrows.
UKWEHLULEKA ukuzibekisela indawo kwiTop 8, amasizini elandelana kuyamkhathaza uNduduzo “Sulumane” Sibiya, umdlali ogijima esiswini seLamontville Golden Arrows.
Abafana Bes’thende babhekene nenselelo yokugwema ukwehlelwa yisimo esifanayo okwesithathu, amasizini elandelana.
IGolden Arrows izotholana phezulu neCape Town City, ngeSonto ngo-5.30 ntambama emdlalweni wasekuhambeni weDStv Premiership, eCape Town Stadium, eKapa.
I-Arrows iya kulo mdlalo nje, ihlezi endaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-31.
Ukulahla kwayo amaphuzu emidlalweni emibili yakamuva yePremiership, ixetshulwa yi-Orlando Pirates ngo 7-1, okulandelwe ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neRoyal AM ngeledlule, yikho okwenze i-Arrows izithole isiphuma esixhantini samaqembu ayisishiyagalombili aphezulu.
“Sekuze kwaba ngamasizini amabili elandelana sigejwa kancane yiTop 8, ngakho asifuni ukuthi kuphinde kwenzeke lokho nakule sizini. Siyazi ukuthi imidlalo esisalele njengamanje ayilula neze kodwa sisenalo ithuba lokuqeda kwiTop 8, ngisho nangaphezulu kwalokho uma nje sizokwazi ukubuya namaphuzu emidlalweni esisalele,” kusho uSibiya.
“Umdlalo weCape Town City, omunye wemidlalo engelula ngoba nayo ilwela ukugcina indawo yayo kwiTop 8 kodwa siyazi ukuthi wumdlalo esingawunqoba sibuye namaphuzu aphelele. Basishaya emzuliswaneni wokuqala, ngeke sivume baphinde basishaye.”
USibiya uyavuma ukuthi banamaphutha abawenza emuva nokuthi kabawasebenzisi ngendlela amathuba okubhakuzisa inethi. Wathi ukholwa wukuthi yikhona okubalimazayo.
“Sisebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukuyilungisa leyo nkinga ngoba yiyona ebe nomthelela wokuthi singakwazi ukuyinqoba eminye yemidlalo obekufanele siyinqobe.
“Kukhona imidlalo esizithole khona singenelwa ngamagoli ngemizuzu yokugcina yokuphela komdlalo, okuyinto esiphule izinhliziyo sesithembile ukuthi amaphuzu sihamba nawo.”
Bamangaza abathandi bebhola abaningi, Abafana Bes’thende ngenkathi beqeda besendaweni yesine kwi-log yePremiership ngesizini ka-2020/2021.
Ngemuva kwalokho bazithole behluleka ukuzibekisela indawo kwiTop 8, amasizini amabili elandelana okungeka-2021/22, neka-2022/23 beqeda endaweni yesishiyagalolunye.
Ngaphandle kowakusasa neThe Citizens, kunemidlalo emihlanu esalele ezikaSteve Komphela, iStellenbosch FC (ekuhambeni), iChippa United (ekhaya), iCape Towns Spurs (ekhaya), AmaZulu (ekuhambeni), neMamelodi Sundowns (ekhaya).