UMGADLI weLamontville Golden Arrows, uKnox Mutizwa, ukholwa wukuthi i-Orlando Pirates ibathole kahle sebebuyelwe wumgqigqo wabo abaqale ngawo le sizini yeDStv Premiership.
UMutizwa ongomunye wabadlali abamqoka kwi-Arrows esivuke emaqandeni muva nje, uphakathi kwabadlali i-Arrows ezothembela kubona ekwenzeni izinto zenzeke emdlalweni wayo wePremiership wasekuhambeni nePirates, e-Orlando Stadium, eSoweto, namuhla ngo-5.30 ntambama.
I-Arrows iya kulo mdlalo isiqoqe amaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu. Ishaye iPolokwane City ngo 1-0 yalandela ngeRichards Bay FC ngo 2-1, ngoLwesithathu ithele muva njengembumba ikhava iSupersport United yagcina ibambane nayo ngo 2-2 eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Njengamanje leli qembu laseLamontville, lisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership futhi liphakathi kwamaqembu asembangweni wokuzibekisela indawo kwiTop 8 ngokuphela kwale sizini.
“Ngikholwa wukuthi ifomu yethu ebesiqale ngayo isizini iya ngokuya isibuyela manje futhi nezinga lokuzethemba nalo liya ngokunyuka kithina umdlalo nomdlalo.
Ngakho-ke ngicabanga ukuthi iPirates isithole ngesikhathi esikahle lapho sesibuyelwe khona wukuzethemba,” kusho uMutizwa, ongomunye wabadlali abadala kwi-Arrows.
IPirates iya kulo mdlalo ibhala iyacisha, emidlalweni yayo emibili yakamuva yePremiership ibuye nephuzu elilodwa ishaywa yiSekhukhune United ngo 2-1 ngempelasonto edlule, yabe isibambana neMoroka Swallows ngo 1-1 kowabakhaya baseSoweto ngoLwesithathu.
“Ukubhekana nePirates kuhlale kuwumdlalo onzima ngaso sonke isikhathi kungakhathaleki ukuthi yenza kahle noma ayenzi kahle. Ngeke nangephutha sizikhohlise ngokuthi ngeke kube nzima ukubhekana nayo kodwa futhi sizimisele ngokulwela ukuwunqoba lo mdlalo.
IPirates iyazi nayo ukuthi iyasikweleta, yasishaya emzuliswaneni wokuqala, nangesizini edlule, asikwazanga ukuyishaya, yasishaya saphinde sadlala ngokulingana.
Nangaphandle-ke kwalokho nathi sinezinhloso zethu njengeqembu okungukulwela ukuqeda isizini sisendaweni engcono kakhulu kwi-log yePremiership kunale esikuyona njengamanje. Le midlalo esisalele okubalwa nawo lo esiyowudlala nePirates, kithina ifana neyamanqamu uqobo esilwela ukuwanqoba.”
Abafana Bes’thende abagcina ngesizini ka-2021/2022 ukushaya eZimnyama, kubukeka bevuke emaqandeni ngaphansi kobuholi bukaSteve Komphela othathe izintambo zokuqeqesha leli qembu ngenyanga edlule kuMabhuti Khenyeza obesizana noMusa Bilankulu. Ngaphambi kokufika kukaKomphela, i-Arrows ibisihlulwe imidlalo ewu-11 kulandelana.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Namuhla - Ngo-3pm: Richards Bay v Moroka Swallows (King Zwelithini Stadium); Chippa United v Kaizer Chiefs (Buffalo City Stadium).
Ngo-5pm: Stellenbosch v Sekhukhune United (Danie Craven).
Ngo-5.30pm: Orlando Pirates v Golden Arrows (Orlando Stadium).
Ngo-8pm: SuperSport United v TS Galaxy (Lucas Moripe Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Royal AM v Polokwane City (Harry Gwala Stadium); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium).