UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uVusumuzi Vilakazi, ulindele ukuwina oweNedbank Cup kujove abadalli bakhe ngomfutho ozokwenza babuyele ekunqobeni kweyeligi ngokubuya namaphuzu kwiKaizer Chiefs ngempelasonto.
I-Arrows ngelinye lamaqembu eDStv Premiership agweme ukungena ehlazweni lokukhishwa ngadlala ezigabeni eziphansi ngokwehlula iPretoria Callies eyibamba kwi-ABC Motsepe Foundation Championship. Iwine kwiCallies emuva kokwehlulwa emidlalweni emine kweyisihlanu yakamuva.
Ukungenzi kahle kweqembu kuholele ekutheni uVilakazi akhulume eyokugudluka esikhundleni uma bengazitholi izixazululo.
Abafana Bes'thende bazovakashela iChiefs emdlalweni weligi ozoba sePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto ntambama.
"Besikudinga ukuwina,“ uVilakazi ekhuluma ngoweNedbank Cup.
“Siyakudinga lokho kuzethemba okuhambisana nakho. Sike sawina ngakho siyakholwa ukuthi singakwenza futhi lokho.
“Sidinga ukubamba umgqigqo ukuze sizowina imidlalo ilandelana. Uma siwina sizoba nokuzethemba.”
Abafana Bes'thende bazobhekana neChiefs ehambela phezulu emuva kokukhipha iMaritzburg United kwiNedbank.
Emdlalweni womlenze wokuqala ngosuku lokugcina luka-2022, i-Arrows ikhale ngaphansi ngo-2-0 kwiChiefs eThekwini.
"Sizobheka lapho bemandla khona nobuthaka babo. Sinaso isithombe kumanje. Kodwa kuzofanele senze isiqiniseko sokuthi sisebenzela phezu kwakho lokho, sibajezise ebuthakeni babo,“ kusho uVilakazi.
“IChiefs ayiqondakali. Ngakho uma ubuka indlela edlala ngayo uyabona ukuthi sinalo ithuba lokushaya into ecokeme, siwine umdlalo uma sesibhekene nayo.
“Siyathemba futhi ngoba ngokomqondo abadlali bebhola uma bedlala neChiefs noma neSundowns, bayalenyusa izinga.
“Siyethemba ukuthi lokho kuzokwenzeka. Kudingeka sisebenze kanzima, sizame ukuthola amaphuzu amathathu ngoba sifuna ukusuka lapho kule ndawo esikuyona kwi-log.”
I-Arrows isendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-20. Iphambili ngamaphuzu amane kuphela kwiMarumo Gallants esemsileni ngawu-18 emidlalweni engu-21.