UGONYULUKA ngobuhlungu bokujika nelanga ngenxa yokulimala kanzima ukaputeni weLamontville Golden Arrows, uThabani Zuke (25), osebuyile njengoba eseqalile ukuzicija nozakwabo.
Lesi sitobha sibe nebhadi silimala kabuhlungu idolo ngesikhathi iqembu laso libhekene neKaizer Chiefs ngoDisemba, wanyakenye eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Okubuhlungu kakhulu kuZuke wukuthi leli lishwa limehlele esesefomini eyisimanga, eseqale nokubizelwa eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
Ngemuva kokuhlala izinyanga eziyishumi lesi sitobha singalithinti ibhola, sesiqale ukuzilolonga ngokuphelele neqembu laso. NgoLwesibili, Isolezwe lizibonele ngawalo uZuke eboshelwe kanzima ejimini ngumqeqeshi wakhe, uMabhuti Khanyeza, ezinkundleni ezingaphandle kweMoses Mabhida Stadium.
Ubebukeka eqatha ngokwanele. Naye uze wakufakazela lokhu kuleli phephandaba. Abafana Bes'thende bebelungiselela umdlalo wama-quarterfinal, eCarling Black Label Knockout naMaZulu ozoba ngoMgqibelo, ngo-7 kusihlwa, khona eMabhida.
UZuke osekufana nasekhaya kwi-Arrows njengoba akhuliswa yizinkulisa zayo, uveze ukuthi akazi ukuthi angaqala ngakuphi uma engachaza ngokuhlukumezeka emoyeni, emqondweni nasemzimbeni akuzwe ngenxa yalokhu kulimala.
"Kungiphathe kabi kakhulu lokhu kulimala. Kwenzeke ngesikhathi lapho ngisefomini. Kungehlele sengiqala nokubizelwa naseqenjini lesizwe. Empeleni kungiphuce izinto eziningi. Kungivimbe nasekubeni yingxenye yokuhle okwenzeka eqenjini lami njengamanje. Akusasizi ukukhala, ngijabulela ukubuya," kubeka uZuke.
Uqhube wathi nakuba ezizwa eseqatha kodwa ngeke akujahe ukudlala. Uthe ukuxhamazela kungaphinde kumlimaze noma angadlali ngendlela ebilindelekile. Uveze nokuthi uyazi ukuthi ngeke kube lula ukubuyisa indawo yakhe.
"Iqembu lenza kahle kuzozonke izindawo. Nabadlali abasebhentshini benza kahle ejimini nasemidlalweni yobungani. Kodwa-ke konke kulele kumina ukuthi ngifuna kangakanani ukubuyisa indawo yami esikimini. Kuzomele ngisebenze kanzima".
Lo mdlali ukusho wangangabaza ukuthi ngalaba badlali, i-Arrows inalo ithuba lokuqeda ishobolo le minyaka engu-14 yagcina ukunqoba inkomishi. Yagcina ngokunqoba eyeMTN8 ngo-2009, isacijwa uManqoba Mngqithi osekwiMamelodi Sundonws.
"Njengoba besengifana nesibukeli ngikubone kahle ukuthi singakwazi ukufinyelela kowamanqamu eCarling. Siyazi sonke ukuthi uma ukwaze ukufika kuwo kwenzeka noma yini. Lokhu kusiphoqa ukuthi sidlule kumnyama kubomvu kuMaZulu, ngoMgqibelo. Kuzoba umdlalo onzima, kuhlale kusiphuka izidindi uma sibhekene nawo. Sinalo ithuba lokudla le nkomishi," uqhube kanje uZuke.
NakwiDStv Premiership izinto ziyihambela kahle i-Arrows. Isendaweni yesibili ngamaphuzu awu-20, emidlalweni eyisishiyagalolunye. Izoya kuMaZulu ihambela phezulu. Ishaye iKaizer Chiefs ngo-2-1 kwegcine ukuwudlala. Ifinyelele kuma-quarterfinal, eCarling ngokushaya iCape Town City ngo 3-1 emasontweni edlule.