AKABONI nesisodwa isizathu esingabenza behluleke ukubuya namaphuzu agcwele kwiCopper Belts FC, eLimpopo, umqeqeshi weRoyal AM Ladies, engelinye lamaqembu amasha kwiHollywoodbets Super League.
Umdlalo unamuhla ngo-3 ntambama kanti uzovezwa bukhoma kwiSABC1.
UDelisile Mbatha, ocija i-AM kanjalo nesikwati sezwe sika-Under 17, uthe okumjabulisa kakhulu yithuba elanele lokulungiselela uhambo.
“Sesibe namasonto amabili okulungiselela umdlalo neCopper Belts oseLimpopo. Sisizwe wukuthi besinekhefu. Abadlali bakulungele ukuya kulo mdlalo,” kusho uMbatha, oyinkakha yeBanyana Banyana.
Awumkhulu umehluko phakathi kwe-AM Ladies, neCopper Belts ngoba emidlalweni emibili kule sizini ngokwehlukana, iqembu laseThekwini, lisaqoqe amaphuzu amane kanti elaseLimpopo, abe mathathu.
Lokho kubenza baqhelelane ngezindawo ezine kwazise iCopper Belts isendaweni yesishiyagalombili.
Okuhlalukayo wukuthi kuningi ukungazani phakathi kwala maqembu nokuyinto angayiphiki uMbatha.
“ICopper Belts asiyazi kahle ngoba asikaze sidlale nayo. Sigcina ukubabona bedlala besemidlalweni yokuhlunga kanti esakuqaphela wukuthi banabadlali abasebancane nabazonika izinkinga amaqembu amaningi abazobhekana nawo,” kusho uMbatha.
“Nokho siyilungele leyo nselelo, sizimisele ukubuya nawo ephelele amaphhuzu ekhaya. Okuhle wukuthi asinabo abadlali abalimele nokusenza sibe sesimeni esihle kakhulu. Ngiyanxusa nje bonke abalandeli beRoyal AM, nabathandi bebhola bonkana ukuba balamele umdlalo kwiSABC1 ngeSonto emini.”
Kulindelwe izinga libe phezulu kule ligi kulo nyaka ngenxa yombango wezindawo esikwatini seBanyana, esiya kwi-2023 Fifa Women’s World Cup eqala ngoJulayi.
Wonke amaqembu anenselelo yokuqeda ukucanasa kweMamelodi Sundowns.