ISIQONGQWANE sasemuva kwiRoyal AM, uThabo Matlaba, sithi bazolwela ukubuya namaphuzu aphelele emdlalweni wabo weDStv Premiership wokusonga unyaka, abazowudlala neCape Town City.
IRoyal AM izotholana phezulu neCape Town Ciy koweDStv Premiership, ngoDisemba 30, eCape Town Stadium, eKapa.
Emidlalweni emithathu yokugcina yePremiership i-AM inqobe owodwa, ishaya iLamontville Golden Arrows ngo 3-1, kwathi kwemibili yashaywa yiSwallows FC ngo 2-0, kwathi kowokugcina yaxetshulwa yiMamelodi Sundowns ngo 3-0.
Ngemva komdlalo weligi neSundowns ngo-Okthoba 29, i-AM idlale neTP Mazembe yaseDRC, imilenze emibili yeCaf Confederation Cup. Sekuwumlando ukuthi igcine iphumile emqhudelwaneni ngomzuliswano wesigaba samaqoqo, ngemva ukushaywa emlenzeni wokuqala emdlalweni wasekuhambeni ngo 2-0, nowasekhaya ngo 1-0.
“Yize besizimisele ngokuhamba ibanga kwiCaf Confed kodwa njengoba sesiphumile kulo mqhudelwano, lokho kusho ukuthi sesizokwazi ukugxila ngokuphelele manje emidlalweni yethu yeligi.
“Ngicabanga ukuthi iningi lozakwethu kukhona elikufundile emqhudelwaneni weCaf, kubaqinisile futhi nangokomqondo. Ngokuzayo uma sithola elinye ithuba lokubuyela emqhudelwaneni walolu hlobo bayobe sebekwazi okufanele bakulindele,” kuchaza uMatlaba.
“Leli khefu leNdebe yoMhlaba ngingasho ngokungangabazi ukuthi lisinike ithuba elikahle lokuthi sikwazi ukulungisa amanye amaphutha. Ngicabanga ukuthi kuyothi kufika usuku lomdlalo wethu wangoLwesihlanu oluzayo, neCape Town City siyobe sesimi ngomumo.
“Sizokulwela ukubuya namaphuzu aphelele kuloya mdlalo esiyowudlala neCape Town City ekuhambeni. Yize sikuqonda ukuthi ngeke kube wumdlalo olula ngoba nabo bayawadinga njengathi amaphuzu, ikakhulu ngoba sebephumile nabo emidlalweni yeCaf, njengathi. Kodwa, ukuthola kwethu amaphuzu kulo mdlalo kuzoba yisikhuthazi kithina emidlalweni yethu emihlanu emqoka esizoyidlala ngoJanuwari.”
Kumanje iThwihli Thwahla isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-16 emidlalweni engu-12, kanti isalelwe yimidlalo emithathu ukuthi iqede umzuliswano wokuqala wesizini ka-2022/2023 yeDStv Premiership.
Phakathi kwemidlalo emithathu esele kubalwa oweTS Galaxy (ekhaya), AmaZulu (ekhaya), neMaritzburg United (ekuhambeni). Izovala uJanuwari ngemibili okungoweChippa United (ekhaya), neKaizer Chiefs (ekuhambeni), ngoJanuwari 29, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.