UMQEQESHI waKwaZulu Natal, uClinton Larsen, kumqinisa idolo okuningi akufice kwiMagesi FC edlala kwiMotsepe Foundation Champonship asenqobe nayo imidlalo emibili kusukela efikile.
IMagesi esendaweni yesikhombisa kwi-log yeMotsepe Championship ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-13, izovakashela iPretoria Callies esemsileni koweligi namuhla ngo-3.30 ntambama, eLucas Moripe Stadium.
ULarsen wodumo emaqenjini amaningi esigaba esikhulu okubalwa, iBlomfontein Celtic (esiyashabalala), Lamontville Golden Arrows neChippa United, ushiye kungalindelekile kwiSummefeld Dynamos edlala kwi-Safa KZN ABC Motsepe League abehlose ukuyikhuphulela kulesi sigaba yena aseqeqesha kusona.
Nakuba bekungelula kuLarsen ukushiya iDynamos kodwa uhlobo lwabadlali alufice kwiMagesi kanjalo nendlela amukelwe ngayo, uJackie Ledwaba, obeyinhloko kodwa wehliselwa kwesephini, imcaciselile ukuthi besifanele isinqumo asithathile.
“Kuyathembisa impela yize usemkhulu umsebenzi osihlalele ngoba okumqoka kunakho konke ukuqeda isizini sihleli endaweni ehloniphekile kwi-log,” kusho uLarsen.
“Abadlali engibafice kwiMagesi (njengoVuyisile Wana) nabanye abaningi bangenzela umsebenzi wami ubelula ngoba bayaqonda ukuthi yini engiyifunayo kwazise sengike ngasebenza nabo phambilini.
FUNDA NALOLU DABA: OweSuperSport ufisa isicoco seligi ngaphambi kokuwagaxa emgibeni
“Ngalolo lwazi, bayangisiza ngoba siba baningi esizama ukudlulisa ulwazi olufanayo kubadlali abahlukene ngesikhathi esisodwa.
“Kungijabulise kakhulu ukuzwa ukuthi uJackie (obeyinhloko), uyena obephambili ekutheni akukhulunywe nami.
“Ngiwumuntu wonmdeni ngakho-ke amaqembu aphethwe ngendlela ethi ayifane nomndeni ajwayele ukungihlaba umxhwele.
“Ngihlose lukhulu ngeMagesi kodwa okumqoka ukunqoba yonke imidlalo yethu kusukela manje kuqala ngalo weCallies ekuhambeni,” kusho uLarsen ngalo mdlalo wanamuhla.
Lo mqeqeshi akathandanga ukunaba ngobuhlungu abubone ebusweni babadlali beDynamos ngesikhathi ebatshela ukuthi usethole amadlelo aluhlaza.
“Yize namanje kusemnandi phakathi kwami nabaphathi beDynamos, akumnandi ukukhuluma ngendlela engihambe ngayo eThekwini.
“Kuyangipholiduduza nokho ukuthi ngiyazi ukuthi iDynamos ngiyishiye isendaweni engiziqhenyayo ngayo futhi angingabazi ukuthi izofinyelela ngokushesha lapho iphokophelele khona,” kuphetha uLarsen ojoyine iMagesi kuyona le nyanga.
Eminye imidlalo yeMotsepe Foundation Championship namuhla:
Ngo-3.30pm: Pretoria Callies v Magesi FC (Lucas Moripe Stadium).; Polokwane City v Platinum City Rovers (Old Peter Mokaba Stadium); Hungry Lions FC v NB La Masia (Windhoek Draught Park Stadium); Venda FC v Uthongathi FC (Thohoyandou Stadium).