Mamelodi Sundowns (0) (1)
AmaZulu FC (0) 0
IPHUNYUKE ngomzuzu wokugcina iMamelodi Sundowns inqoba kuMaZulu FC ngo-1-0, emdlalweni weDStv Premiershp obuseLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngeSonto ntambama.
ISundowns inqobe ngegoli elingene AmaZulu esezitshelile ukuthi okungenani azobuyela eThekwini, nephuzulu elilodwa. Igoli livalelwe phakathi uMarcelo Allende obesuka ebhentshini. U-Allande odabuka eChile, igoli ulishaye umdlalo ususesikhathini sikanompempe.
Umdlalo uqala kuvelile ukuthi awasabani la maqembu, njengoba belingekho ebelihlezi emumva.
Isiwombe sokuqala kushode ukuthi elilodwa lamaqembu lithole igoli kwazise kube neziwombe ezinhle ezibe khona. Ngomzuzu ka-16, uThemba "Mshishi" Zwane uthole ithuba ngesikhathi elalisa izitobha zoSuthu kuthe sekumele aphasele inethi, wavele washaya ipali.
NoSuthu lulithole ithuba ngoka-29, uGabadinho Mhango udedele ishodi ngesikhathi kuyikhona, unozinti weSundowns uRonwan Williams walivimba, lawela ezinyaweni zikaSandile Khumalo ovele washaya ishodi lengane waphinde wavuka nalo uWilliams.
Cishe iSundowns yathola igoli sekuyiwa ekhefini, u-Erwin Saveedra walishaya ngaphandle ibhola elihle abeliphaselwe uSipho Mbule. Okugqamile ukuthi uSuthu luqale lo mdlalo ngabadlali abaningi basemumva okuwuRiann Hanamub, Mbongeni Gumede, Veluyeke Zulu, Sandile Khumalo noThendo Mukumela obedlaliswa phambili kulokhu.
Enkabeni yesisu ilapho obekushube khona kakhulu, njengoba iziwombe eziningi zenzeke khona. UKeagan Buchanan noMakhehleni Makhaula boSuthu, bebemise kabi u-Andile Jali noTeboho Mokoena abayibamba kwi’Downs. UBuchanan ugcine eqokwe njengomdlali wosuku.
Esiwombeni sesibili ngoka-52, abadlali boSuthu bagxeke unompempe uXola Sitele ngokungalikhiphi ikhadi elibomvu kuGrant Kekana oyisitobha seSundowns obedlalise kabi uMhango ekubeni sekunguyena kuphela osele emumva.
ISundowns ngomzuzu ka-55, yenze izinguquko ezintathu ifaka, Neo Maema, Thapelo Morena no-Allande. Kuphume uTeboho Mokoena, Sifiso Ngobeni noMbule. USuthu ludonse uMakumela lwafaka uRamahlwe Mphahlele.
UPeter Shalulile uyeke uqekelele wegoli ngesikhathi izitobha zoSuthu zisalele ngoka-68. UMorena ushaye ishodi uVeli Mothwa waliphebeza.
UTerrence Mashego osayine phakathi nesonto, ubonakale okokuqala egqoke ijezi leSundowns. NoBongani "Ben 10" Zungu ubonakale okokuqala enkundleni.
UMothwa wenze iphutha elicishe latholisa iSundowns igoli ngoka-80, kodwa uShalulile waphinde washweba ebhekene naye lo nozinti woSuthu. UZwane naye ushwebe uhlaba udle sekusele amanenjana uphele umdlalo.
Kuthe ngesikhathi esifakwe unompempe u-Allende, eqhamuka ngakwesokunxele, walivalela phakathi nokuyibhola ekade angalibamba uMothwa. Kube sekuwukunqoba kweSundowns, yaqhubeka nomgqigqo wayo omuhle.