AKAZISOLI ngesinqumo sakhe sokuqasha uRomain ‘Fohloza’ Folz njengomqeqeshi weqembu lakhe ngesizini edlule, umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, nakuba izinto zingamhambelanga kahle kuleli qembu.
UFolz (32) waqashwa njengomqeqeshi woSuthu ngo-Okthoba nyakenye ezovala isikhala sikaBrandon Truter. Ngaphambi kwalokho wayekwiMarumo Gallants ayishiya ngemuva kwemidlalo eyisithupha, edlale ngokulingana kwemihlanu wahlulwa kowodwa.
Irekhodi lakhe kuMaZulu nalo alibanga lihle njengoba agudluzwa ngo-Ephreli nonyaka iqembu inqobe emine, ladlala ngokulingana kweyisishiyagalolunye, lahlulwa kweyisithupha, kwengu-19 elayidlala ngaphansi kwakhe.
Ngesikhathi emiswa ekubeni ngumqeqeshi, ugciniwe njengomeluleki kamengameli, izintambo zanikwa obeyiphini lakhe, u-Ayanda Dlamini.
UFolz usenqume ukusishiya nalesi sikhundla njengoba ezimisele ngokuqhubeka nokuqeqesha.
“Sijabule kakhulu ngeqhaza elibanjwe uFohloza kuMaZulu futhi simfisela okuhle kodwa kulokhu azokwenza, asizisoli ngalutho,” kusho uZungu.
“Ngesikhathi izintambo sizinika u-Ayanda, ngamgcina uRomain eduze kwami njengomeluleki wami kodwa ongeke aphazamise amalungiselelo eqembu nokusethwa kwesikimu emidlalweni eyisithupha yokugcina.
“Ngicabanga ukuthi izeluleko zakhe zibe wusizo kakhulu. Bengikholelwa emaqhingeni kaFohloza, lapho kwavela khona ubunzima, ikakhulukazi uma kukhulunywa ngabadlali, kwaba mayelana nezindlela zokulolonga iqembu.
"Kuyinkolelo yami ukuthi uma sihlala sisondelene naye, uneqhaza azolibamba kuMaZulu esikhathini esizayo. Bengihlose ukumgcina njengomeluleki kodwa ulangazelela ukubuyela ebhentshini ayoqeqesha.
“Ngisamukele leso sinqumo sakhe. Usemusha, unekusasa eliqhakazile futhi angimsoli ngokukhetha ukuba sebhentshini.”
UZungu uphinde wakuqinisekisa ukuthi iqembu limatasatasa lifuna umqeqeshi omusha njengoba uDlamini engeke esaqhubeka nokuba yibamba.
“Sixoxa nabaqeqeshi abaningi bakuleli nabaphesheya ukuze sibone ukuthi bangawasiza kanjani AmaZulu ngesizini ezayo nangale kwalokho. Ngeke kube wumthwalo wami ngedwa kodwa ngizosebenzisana nekomiti labantu abanekhono namava kwezokuqeqesha, abayingxenye yaMaZulu,” kusho uZungu esithangamini sabezindaba ngoMsombuluko.
"Kuyisifiso sethu ukuphothula lolu hlelo ngaphambi kokuthi kuqalwe amalungiselelo esizini ezayo. Sithemba ukuthi kuzoshesha kakhulu kunalokho. Bayinqwaba abaqeqeshi abasezingeni eliphezulu abazimisele ngokujoyina iqembu lethu.”
Emidlalweni eyisithupha yokugcina AmaZulu ayidlale ngaphansi kukaDlamini, anqobe owodwa, adlala ngokulingana kwemibili, ahlulwa kwemithathu. UZungu uthe ukuqeda endaweni ka-12 kwi-log yikhona okwenze banquma ukubheka umqeqeshi omusha.
"U-Ayanda uyingane yaMaZulu FC. Iningi labantu lizomkhumbula njengomgadli owahlohlela iqembu amagoli amahle kakhulu. Igalelo lakhe njengomdlali nangomqeqeshi, esindisa iqembu ezembeni kwisizini edlalwe ngesikhathi sobhubhane lweCovid, yizinto ezisemabhukwini omlando waleli qembu,” uqhube kanje.
“Ngesikhathi simnika izintambo emidlalweni yokugcina, sithe akakhohlwe yindaba yezembe ngoba besazi ukuthi AmaZulu azosinda. Ngicabanga ukuthi ngaleso sikhathi besinamaphuzu angu-28, sisazolwela angu-18.
“Emaphuzwini angu-18 uthole amaphuzu amahlanu ngakho ngokubona kwami akenzanga kahle. Ngimtshelile ukuthi akakakulungeli ukuhola iqembu elikhulu laMaZulu FC.
“Ngifuna ukumkhulisa ngoba ngisakholelwa ekutheni angaba ngumqeqeshi waleli qembu ngo-2032 (uma seligubha iminyaka engu-100 lasungulwa). Kukuyena ukuthi uyafuna yini noma cha. Ngifuna ukumsiza athole iziqu zakhe zokuqeqesha, abe ngomunye wabaqeqeshi abahamba phambili emhlabeni,” uphethe kanje uZungu. Kubaqeqeshi abamataniswa naMaZulu kuvela igama likaManqoba Mngqithi, uLuc Eymael waseBelgium no-Alfons Groenendijk waseNetherlands, osanda kuvalelisa kwi-Antalayaspor yaseTurkey.
UZungu uveze nokuthi bazodedela abadlali abangu-11. Ubalule igama likaLehlohonolo Majoro kulabo abahambayo, wangafuna ukudalula abanye. Udaba ngabadlali oluphelele luyatholala kwi-website, isolezwe.co.za