ABADLALI be-University of Pretoria badonswe ngendlebe ngokweya amanye amaqembu ngoba lokho kungaholela ekutheni baphinde bagileke.
Izinto zisawahambela kahle amaTuks njengoba eqhwakele ngamaphuzu awu-11 kwi-log yeMotsepe Foundation Championship.
Emidlalweni emihlanu awakashaywa. Asenqobe imidlalo emithathu kulandelana. Ngempelasonto edlule ashaye iJDR Stara ngo-2-0. Kweyandulela lo mdlalo ayeshaye iCape Town Spurs ngo-3-2 nePretoria Callies ngo 1-0.
Ngesizini edlule leli qembu elicijwa uTlisane Motaung, lihlale isikhathi eside esicongweni.
Nokho liyilahle emidlalweni yokugcina yeligi.
Ligcine lisonga kweyesibili kwathi kweyokuqala kwaba yiRichards Bay. EzikaMotaung ziphinde zangalibona elidlalwayo emidlalweni yokuhlungela ukukhuphukela kwiDStv Premiership.
UMotaung uthe ushumayela ivangeli lokugwema amaphutha abalimaze ngesizini edlule.
"Angazi ukuthi ngingabuchaza kanjani ubuhlungu esabuzwa ngesikhathi sihluleka ukwenyukela kwiDStv Premiership ngesizini edlule. Ngicabanga ukuthi ukuba nesizini enhle kwagcina kubangena emakhanda abadlali bami base beqala benza amaphutha, beya nezimbangi. Sabulawa wukulahla amaphuzu emidlalweni yokugcina. Saphinde saba buthuntu phambi kwamapali. Kulokhu angifuni lokho kusiphinde. Siwashaya impela amagoli. Kumele senze isiqiniseko sokuqhubeka nalo mgqigqo. Akungiphathanga kahle ukungenelwa yila magoli amabili ngesikhathi sidlala neSpurs ," kubeka uMotaung.
Uqhube wathi:" Lisisize kakhulu ikhefu leFifa. Ngithole isikhathi esanele sokuba nabadlali bami. Nabo bathole nesikhathi sokuphumula. Ngaphambi kwalo besidlala imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisikhombisa. Ngesizini ezayo sifuna ukuzibona sidlala esigabeni esingenhla.“
NgeSonto, i-University of Pretoria izodlala ne-All Stars, eTuks Stadium.
Endaweni yesibili kwi-log yeMotsepe Foundation Championship kulele iTTM ngamaphuzu ayishumi. Ngempelasonto edlule ibambane ngo-1-1 neMagesi. Uthongathi okuyilona lodwa laKwaZulu-Natal kulesi sigaba, kweligcine ukuwudlala lubambane ngeqanda ne-All Stars. Bekuwumdlalo wesibili kulandelana luhluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele. Lukweyesine ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Imiphumela yeMotsepe Foundation yangempelasonto:
Platinum City Rovers - Cape Town Spurs; Polokwane City 2-0 Hungry Lions; Pretoria Callies 2-1 La Masia; Venda FC 1-0 Baroka; All Stars 0-0 Uthongathi; Magesi 1-1 TTM; Casric Stars 3-1 Black Leopards; JDR 0-2 University of Pretoria.