AKALINDELE ukuthi kubekhona abadlali abazithela ngabandayo njengoba bazotholana phezulu ne-Australia emdlalweni wesibili wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba ongomunye wabaqeqeshi beqembu lesizwe lekhilikithi yabesilisa, uJP Duminy.
AmaProteas azobe ebheke ukugcina umgqigqo wawo omuhle uma esebhekene ne-Australia e-Ekana Sports City eLucknow, ngoLwesine, ngo-10.30 ekuseni.
Izinga lokuzethemba kuleli qembu liphezulu ngemuva kokuthi liqale lo mqhudelwano ngokuxebula iSri Lanka ngama-run angu-102 eDelhi ngoMgqibelo. Kulo mdlalo bathathu abadlali bamaProteas abashaye okungenani ama-run angu-100, okungoQuinton de Kock, Rassie van der Dussen no-Aiden Markram, basiza iqembu ukuthi lihlanganise ama-run angu-428.
Abashwibi babe sebeqedela umsebenzi ngokuyikhipha yonke i-Sri Lanka, isashaye ama-runs angu-326 kuma-over angu-44.5.
UDuminy ogxile ekucijeni abadlali ekushayeni ibhola, uthe bazothatha konke okuhle abakwenze bedlala neSri Lanka kodwa bakhumbule ukuthi sebezodlala neqembu elihlukile, ngaphansi kwezimo ezihlukile.
“Sifuna ukuqhubeka nomkhuba omuhle wokuzimisela. Njengomqeqeshi ogxile ekushayweni kwebhola angikhathazekile ngokuthi kungaba khona ukudembesela ngemuva kokudlala kahle. Iqembu lilambele imiphumela emihle, ikakhulukazi abadlali ababhethayo,” kusho uDuminy.
“Sikufakile emiqondweni yabadlali ukuthi bagxile ekuzilungiseleleni nasekusebenzeni kanzima. Uma singagxila kulokho, sizozinika ithuba elingcono kakhulu lokunqoba. Uma sikuqonda okuhle esikwenzile, sizihlaziya kahle izimo esizodlala ngaphansi kwazo kusho ukuthi sibheke endaweni efanele."
Ama-Proteas ne-Australia basanda kudlala uchungechunge lwemidlalo emihlanu yama-over angu-50 (ODI) ngenyanga edlule eNingizimu Afrika. Izivakashi zanqoba emibili yokuqala kodwa elakuleli labuya ngamandla lanqoba emithathu yokugcina.
Kulolo chungechunge i-Australia ibingenabo abadlali bayo abaphambili abafana noMitchell Starc, Glenn Maxwell noSteven Smith, kanti amaProteas asebenzise iqembu elithi alifane naleli elidlala eNdebeni yoMhlaba e-India.
“Yebo, kukhona ukuzethemba ngemuva kokubahlula ngo 3-2 ekubeni bekade behamba phambili ngo 2-0. Iningi labadlali bethu beliyingxenye yalolo chungechunge kodwa sizobhekana nobungozi obusha, izimo esizodlala ngaphansi kwazo, nokuthi sinabo abadlali abambalwa abangadlalanga echungechungeni. Nakanjani sizokubheka lokho,” usho kanje uDuminy.
I-Australia ishaywe ngosokhaya i-India, ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni wayo wokuvula ngeSonto. Kulowo mdlalo ikhishwe yonke isashaye ama-run angu-199, kuphela kuma-over angu-49.3 ngaphambi kokuthi i-India ifinyelele kwangu-201 kuma-over angu-41.2.