UMDLALI wasesiswini we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, uzishaya isifuba ngokukhulela elokishini elifana naKwaMashu ngoba lokhu kumcijele zonke izinto abezohlangabezana nazo empilweni njengokuzithola esuwumdlali we-Orlando Pirates engelinye lamaqembu athathwa njengamakhulu eNingizimu Afrika.
UMbatha (23) oqale isizini ka-2023/2024 kwiSuperSport United, ubolekiswe kwiPirates kuze kuphele isizini njengoba bekuvuleke iwindi lokushintsha ngabadlali ngoJanuwari.
Ungomunye wabaqale umdlalo wePirates weNedbank Cup neCrystal Lake FC muva nje, wagqama waze wakhuluma ngaye, uJose Riveiro opheka iBucs.
Lo mdlali obekhuluma nabezindaba abebehambele ejimini yeBucs izolo, lapho ibiqedela khona amalungiselelo okwamukela iCape Town Spurs kwiDStv Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku e-Orlando Stadium.
Naye uMbatha akazi kahle ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi azithole esengumdlali wePirates ngaphandle kocingo aluthole esemaholidini obelumtshela ukuthi udingeka ejimini yeZimnyama ngakusasa.
“Ngingowaselokishini elaziwa ngokuthi iKwaMashu futhi ngiyathanda ukukuqhakambisa ukuthi ngikhulele endaweni engiqinise ukhakhayi ngendlela yokuthi asikho isimo engingeke ngikwazi ukubhekana naso,” kusho uMbatha.
“Bezikhona izingqinamba ngenxa yokukhulela KwaMashu kodwa eyami impilo ibintofontofo kwazise umama wami akakaze asuke eduze kwami okufakazelwa ukuthi bengifunda nasezikoleni ezithathwa njengezomntakabani,” kuqhuba yena.
UMbatha odlala esiswini, ubonge kakhulu umama wakhe ngokumeseka njalo kwaze kwaba liyafezeka iphupho lakhe lokudlalela iqembu elithathwa njengelikhulu kuleli.
“Ubufakazi bokuthi umama wami uhlale enami ngaso sonke isikhathi ukuthi nocingo obeluvela kwiPirates lungene nginaye.
“Ngithole lolu cingo ngisekhaya ngamaholidi lungitshela ukuthi kufanele ngibe sejimini yePirates ngosuku olulandelayo.
“Konke okulandele lapho kube ukufezeka kwephupho lami ngoba ngifikele endaweni okungicacelayo ukuthi bengidingeka kuyona.
“Indawo engidlala kuyona igqishe ngabadlali asebenokhakhayi oluqinile ingakho ngingajahile okuningi ngaphambi kokuncela ulwazi kubona kuqala,” kulandisa uMbatha.
Isikimu kwiPirates usibanga nabadlali abakade babeligandaya, uThabang Monare, Makhehleni Makhaula noMiguel Timm bonke abaneminyaka engu-32 kuya pheuzlu.
Yize lo mdlali engenalo ulwazi olugcwele ngesivumelwano esiphakathi kweSuperSport nePirates ngaye kodwa okumqoka kuyena ukusayina ngokugcwele kwiPirates.
“Inkontileka engiyaziyo okwamanje ithi ngibolekisiwe izinyanga eziyisithupha kodwa isifiso sami ukuqhubeka nePirates.
“Umqeqeshi wePirates ukhombisa izimpawu zokuchazeka ngengikwenzayo futhi akubheke kimina kuncane kunalokhu obekufunwa umqeqeshi weSuperSport,” kuphetha uMbatha.