UMQEQESHI waseNingizimu Afrika ovikele isicoco seligi yaseBotswana neJwaneng Galaxy FC, uMorena Ramoreboli, ufisa ukuphinda abhekane neqembu lakuleli kwiCaf Champions League ngenhloso yokuzidayisa kwiPremier Soccer League (PSL).
URamoreboli uwina isicoco sesibili kulandelana ngamaphuzu angu-65 nje, umiswe kabi yiTownship Rollers (64) neGaborone United (63) embangweni okudingeke ukuthi uye emidlalweni yokugcina ukuze kuzophuma umakhonya weBotswana Premier League.
Lokhu kuhlabana uRamoreboli kucacisa ukuthi isizini edlule bekungelona iphutha, kumnika igunya lokuphindela kwiChampions League ngesizini ezayo.
Kuzokhumbuleka ngesizini edlule ukuthi iJwaneng iyona ekhiphe i-Orlando Pirates kusahlungelwa ukungena kweyamaqoqo eChampions League.
Lo mqeqeshi okunguyena futhi owayepheka iMaluti FET College ngesikhathi iphoxa iPirates kwiNedbank Cup ngo-2004, akanankinga nokuphinde abhekane neqembu laseMzansi kweyeChampions League.
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe uRamoreboli ukuvezile ukuthi inkontileka anayo neJwaneng iphelile kodwa ukholelwa ekutheni abaphathi bayo bazoqhubeka naye.
“Nakuba ngisazimisele ngokuqhubeka kwiJwaneng okwamanje kodwa isifiso esikhulu ukwakha igama ngokwanele ukuthi ngingabi nenkinga yokuthungatha umsebenzi uma sengibuyele ekhaya,” kusho lo mqeqeshi waseFree State.
“Akukona ukuthi ngiyakujabulela ukufaka usizi emaqenjini aseNingizimu Afrika kodwa kimina ithuba lokuzidayisa ngoba iqiniso ukuthi ngiyafisa ukusebenza ekhaya ngelinye ilanga.
“Ngicabanga ukuthi izovuselelwa inkontileka yami neJwaneng ngoba konke kubukeka kusahamba ngendlela ebesihlele nebesivumelene ngayo,” kuqhuba yena.
URamoreboli ojoyine iJwaneng ngo-2021, wadla isicoco seCosafa Cup neBafana Bafana ngonyaka ofanayo emqhudelwaneni owawuseGqeberha.