UTHANDO lwebhola lugqugquzela owayegijima kwi-Orlando Pirates, uKhethokwakhe Masuku, ukuthi aqhubeke nokuyibamba njengomdlali.
Emasontweni edlule uMasuku (38), umenyezelwe ngelinye lamaqembu aseGauteng, elidume emidlalweni yeziteki, i-AT Mambas njengomdlali walo.
Leli qembu liqinisekise ekhasini lalo lezinkundla zokuxhumana iFacebook, ukuthi selijoyinile yilo mdlali.
Okhulumela iqembu uSammy Padi, exoxa nephephandaba uthe bakujabulele kakhulu ukuba nomdlali onjengoMasuku eqenjini labo.
"Sithokoza kakhulu ukuba nalo mdlali ngoba saziwa yizwe lonke ngokuba nabadlali abadumile futhi abayizibabuli eqenjini, i-AT Mambas. Ukufika kwakhe kuzosisiza kakhulu ukuthi siwine imiqhudelwano siphinde senze ibhola lase kasi libe nemfashini futhi sizuze kulokho," kusho uPadi.
"UMasuku uselakhile igama lakhe ezweni kanye nase-Afrika. Ukumletha eqenjini, ukwandisa isipiliyoni nokuthi naye ahole abadlali abasebancane ababukela kuye. Siyi AT Mambas sithatha abadlali abadumile noma senza abadlali abayizibabuli ukuthi badume ngoba idumela lethu esinalo libavulela iminyango ukuthi amaqembu amakhulu ababone.
"Ngenxa yamakhasi ethu ezokuxhumana ikakhulu iFacebook sinabalandeli abaningi, lapho okukhona amaqembu akuMotsepe Foundation Championship ne-ABC Motsepe League, esikusebenzisa ukuthi sikhangise abadlali bethu. Bayajoyina eqenjini lethu ngokuthanda kwabo futhi bavumelekile ukuthi basayine yinanoma iliphi iqembu elisesigabeni esikhokhelayo. Ungasho ukuthi thina siyisitebhisi phakathi kwebhola lase lokishini nelasesigabeni esikhokhelayo,” kusho uPadi.
UPadi ucacisile ukuthi ababasayinisi abadlali ngoba lokho kuzosho ukuthi bazoba nomsebenzi wokubhala izinkontileka.
UMasuku yena uthe isizathu sakhe sokuzodlala eqenjini leMambas yingoba ibhola liphila kuye.
"Okungenze ngeza kuleli qembu yingoba ngithanda ibhola futhi amaqembu amaningi ngiyawadlalela ngoba ngifuna ukuzigcina ngiqatha," usho kanje.
Uthe ufunde lukhulu edlalela amaqembu esigaba esikhulu okukhona iPirates, iBloemfontein Celtic neTshakuma Tsha MMadzivhandila. Uthe yilolu lwazi afise ukulidlulisela kulaba abasebancane.
Uphinde waveza nemfihlo esimqhube ukuthi adlale isikhathi eside kangaka.
"Imfihlo ukuthi uhlale uzilolonga, uziphathe kahle, ugweme amanzi amponjwana kanye nalabo abahlezi bekhuluma izinto ezimbi kuwe. Kuningi engisakukweleta ebholeni lalapha eNingizimu Afrika, yingakho ngiziphusha ngoba akekho ozongiphusha," kusho yena.
UMasuku wagcina ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngo-2022 kwi-NB La Masia edlala kuMotsepe Foundation Championship.