UZIMISELE ukuzisula izinyembezi ngokusiza iDurban City ikhuphukele kwiBetway Premiership uMafanafuthi Mkhize, ophuthwe yithuba lokudlala kulesi sigaba esekhushulelwe esikimini esikhulu kuMaZulu FC ngesizini edlule.
UMkhize (26) nozakwabo uMlondi Mbanjwa basayiniswa ngaMaZulu ngaphambi kokuqala kwesizini edlule besuka kuThongathi FC kwiMotsepe Foundation Championship.
UMbanjwa udlale imidlalo engu-23 kuSuthu ngesizini edlule, uMkhize akangadlala nowodwa ngaphansi komqeqeshi uPablo Franco Martin. Ukungalitholi ijezi kuholele ekutheni agcine ephumile esibayeni soSuthu maphakathi nesizini edlule wajoyina iCity ebiyaziwa ngeMaritzburg United.
“Ukusayina kwami kuMaZulu ngakufanisa nokufezeka kwephupho lami lokudlala esigabeni sePremiership njengoba sengidlale isikhathi kwiMotsepe Championship. Kwaba yinjabulo enkulu kimina, sengilangazelele ngokugqoka ijezi laMaZulu okuyiqembu elikhulu KwaZulu-Natal nakwiPremiership. Nokho izinto azenzekanga njengokufisa kwami ngoba ngagcina ngokudlala kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup kuphela ngaphambi kokuqala kwesizini. Ngagcina ngingalitholanga ithuba esikimini seqembu ngaze ngakhululwa ngoJanuwari,” kusho uMkhize.
“Angilitholanga ithuba lokuchazeleka ethimbeni labaqeqeshi ngithole lapho okwakufanele ngilungise khona. Kwaba buhlungu kimina ukuzithola sengiba sohlwini lwabadlali abakhululwayo ngoJanuwari. Nokho lokho sengikudlulisile, manje sengivule ikhasi elisha njengoba sengizibophezele ekusizeni iqembu lami iDurban City emkhankasweni wethu wokulwela ukukhuphukela kwiBetway Premiership. Iqembu lethu libhalansile kakhulu, sizimisele ngokwenza kahle kule sizini silwele ukunqoba isicoco seligi yeMotsepe Championship. Ngikholwa wukuthi lokhu kungayithoba inhliziyo yami, ligcine lifezekile iphupho lami lokudlala kwiPremiership.”
UMkhize ushaye iCity igoli lokuwina ngesikhathi yehlula iCasric Stars ngo 2-1 emdlalweni wokuqala wesizini ngempelasonto edlule eChatsworth Stadium, eThekwini. Kusasa bazovakashela omakoti iKruger United Kanyamazane Stadium, eMpumalanga ngo-3 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation:
Namuhla ngo-3pm: Callies v Tuks ( TUT); Upington v Baroka (Mxolisi Diky Jacobs); Leopards v Leruma United (Thohoyandou); Milford v JDR (Princes Magogo).
NgeSonto -Ngo-3pm: Kruger United v Durban City (Kanyamazane); Orbit v Hungry Lions (Olympia Park).