IGQAMISA ubuhlathi ekuthathweni kwezinqumo eqejini impicabadala AmaZulu FC azifake kuyo ngodaba lukanozinti, njengoba sekuvela nemibiko ethi azama ukubuyisa uSiyabonga Mbatha, obalekele kwiLamontville Golden Arrows kufika uVelli Mothwa ngo-2020.
Ekuhambeni kukaMbatha, uMothwa ufike wabanga ijezi noNeil Boshoff noJean-Noel Amonome, oyisethenjwa ezintini zeqembu lesizwe laseGabon.
UBoshoff, osekwiRichards Bay FC, ukhule kuwo AmaZulu lpho ehlale kuwo amasizini amaningi encela ulwazi kubanewabo abafice endimeni yokuvimba ezinti, kwazise ungumfana waseSarnia, ePinetown.
Okudidayo wukuthi phezu kwamaphutha enziwa nguMothwa, kusuka kuqale isizini yize engunozinti wesibili kwabathenjiwe kwiBafana Bafana, avume ukubolekisa Amonome kuThongathi FC njengoba kuvuleke intuba yokuhwebelana ngabadlali kuyo le nyanga uJanuwari.
U-Amonome (25) usedlale amahlandla awu-11 emidlalweni yemiqhudelwano esidlalwe yiGabon.
UBoshoff (26) ushiye evimbe ka-19 kuMaZulu. Kweyisishiyagalolunye akaze angenelwe yigoli.
Odabeni lokubuyisa uMbatha, olushicilelwe kwiSolezwe langoLwesithathu, uBrilliant Mkhathini, okhulumela AmaZulu, ukuvezile ukuthi beyiqembu abazimisele ukukhuluma ngabadlali abangakasayini noma abangesiyo ingxenye yeqembu.
"Sizokhuluma uma sesimsayinisile umdlali. Asikwazi ukuthi sifuna unozinti ngoba iningi labadlali banezinkontileka namaqembu abawadlalelayo,“ kusho uMkhathini kwelangoLwesithathu olushicilelwe nguZakhele Xaba.
“Lokho akubona ubuhlakani. Angiyazi indaba kaMbatha. Izinto ezithinta abadlali zikhulunywa ngaphakathi eqenjini futhi asizikhulumeli eziko ngenxa yokuhloniphana okuphakathi kwamaqembu.”
Ngenxa yokuthi uMkhathini akusiye othatha izinqumo ngabadlali abahambayo (abadayiswa nababolekiswayo) kanjalo nabeza eqenjini, Isolezwe ngeSonto lithinte oyimenenja jikelele yuSuthu, uTsepiso Mofokeng.
Umbuzo obhekiswe kuMofokeng ngothi; bebecabangeni bechitha bonke onozinti abamava njengoba uMothwa esesele ebanga ijezi nabafana beDiski Challenge, okungu-Olwethu Mzimale noSiyanda Khumalo.
Kwethusile okushiwo nguMofokeng, kwazise akugcinanga nje ngokukhombisa ukubaleka kuphela kodwa izindaba zebhola zisingathwa kanjani kwabezindaba njengoba eyimenenja jikelele kungenzeka ukuthi unolunye ulwazi mhlawumbe uMkhathini.
“Siyiqembu sithathe isinqumo esinqala sokuthi konke okuqondene nabezindaba kubhekane noMkhathini, ukuze singaphenduki i-Animal Farm. Ngaphezu kwalokho, anginalo ulwazi nemininingwane ngale nto okhuluma ngayo (lokhu kokuthi bachithe uBoshoff no-Amonome okungafuniselwa),” kusho uMofokeng.
Ube nomdlalo omuhle uMothwa behlula iKaizer Chiefs ngo 4-0 ngoLwesihlanu. Umqeqeshi wakhe uRomain Folz, uthe okusemqoka sekungukuthi babambe lowo mgqigqo emidlalweni elandelayo.
UMzimela ubesebhentshini. Khonamanjalo u-Abubakar Mobara, obekuputshuke ukuthi usamisiwe yiqembu ngenxa yezinto ezenzeka ejimini, ubekhona emdlalweni abashaye kuwo iKaizer Chiefs ngoLwesihlanu ebusuku. UKeagan Buchanan obemiswe naye akazange abonakale nangokhalo.