UMQEQESHI uThemba Sithole owayecija isibabuli seKaizer Chiefs, uPule Mmodi kwinkulisa yeFree State Stars, uthi abantu bangalinge bangabaze ithalente lalo mdlali, ungomunye wabezinga eliphezulu.
UMmodi (31) oyibamba ohlangothini lwesokunxele, ukhuliswe iqembu langakubo iStars ngaphansi kwakhe uSithole esengusomaqhinga weSekhukhune United.
Ngo-2018, wajoyina uThongathi olugcine lusithengisele iMilford yaseRichards Bay isitifiketi sokudlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Ngenxa yokuqhulula amagoli nokwenza kahle, wathathwa iLamontville Golden Arrows ngo-2022.
Kuleli qembu izinto zakhe ziqale ukukhanya ebizelwa okokuqala eqenjini lesizwe iBafana Bafana ephekwa uHugo Broos. Owokuqala aboshelwe kuwo kube ngabashaye iSierra Leone ngo 4-0. Wadlala kwabanqoba kuwo iBotswana ngo-1-0 nabawudlala ngokulingana neNamibia.
Ngenxa yokuqhubeka nokwenza kahle ekuqaleni kwale sizini uthathwe iChiefs okungayihambeli kahle neze nakule sizini.
Ngesonto dlule, iMamelodi Sundowns yengeze usizi lwayo iyibhaxabula ngo 5-1 koweDStv Premiership. Ilele kweyesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-33, emidlalweni ewu-26. UMmodi kusukela efikile kuMakhosi kumile ukubizwa kwakhe eqenjini lesizwe.
Kunesikhathi lapho uBroos ake wacashunwa khona ethi akekho umdlali waleli qembu ofanele ukudlala kwiBafana ngenxa yezinga eliphansi elikhonjiswa yiqembu.
USithole uthe ngeke ande ngamazwi ngoba uqashwe iSekhukhune. Nokho akakufihlanga ukuthi uMmodi ungomunye wabadlali bezinga eliphezulu.
"Ngicabanga ukuthi okugqiba ithalente likaPule yilesi simo esiqhubeka kwiChiefs. Ngimazi kahle, ukhuliswe imina kwiFree State Stars. Ngiyakholelwa ekutheni naseqenjini lesizwe usazolithola ithuba. Kube yishwa nje ukuthi akayanga kwi-Afcon (Africa Cup of Nations). Kuseza nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Usazolithola ithuba," kubeka uSithole.
Uqhube wathi: "Kumele sikuqonde nokuthi kwesinye isikhathi umdlali uke aphikwe isizini. Kwazi bani, mhlawumbe ngesizini ezayo uPule uzobe eshisa.“
Ngesikhathi lo mdlali ejoyina iChiefs waqoma ukumlaxaza phansi uSolomon Seobe owaweyimenenja yakhe. USeobe watshela leli phephandaba ukuthi uhlela ukufaka lo mdlali enkantolo ngalesi senzo. Nokho ugcine ingakwenzanga lokhu.
USeobe uthe akambambele igqubu uMmodi, uhlale emfisela inhlanhla. Uthe ukuthusana kwabo ngeke kumenze angabaze ithalente lalo mdlali.
"Sengadlula lapho, uyohlale eyindodana yami. UPule ukhulele phambi kwami. Ngidlale indima enkulu empumelelweni yakhe. Uwumdlali onethalente eliyisimanga. Siseza isikhathi sakhe," kushaya ngamafuphi uSeobe.
Emidlalweni engu-24, yeDStv Premiership, uMmodi useshaye amagoli amane, wakhanda amathathu.
Namuhla ezakhe zizobhekana neTS Galaxy, ePeter Mokaba Stadium, ngo-7.30 ebusuku. IChiefs iyawadinga amaphuzu agcwele ukuze izibeke ethubeni lokuqeda kwiTop 8. Izongena enkundleni isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-33. IGalaxy nayo amaphuzu amathathu azoyisiza ukuqinisa indawo yawo kulesi sixhanti seTop 8 lapho ibambe indawo yesihlanu ngamaphuzu awu-38.
Imidlalo yeDStv Premiership kuleli sonto:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Cape Town City v Moroka Swallows (Athlone Stadium); SuperSport United v Sekhukhune United (Lucas Moripe); Royal AM v Cape Town Spurs (Harry Gwala); Kaizer Chiefs v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium).
Kusasa - Ngo-7.30pm: Golden Arrows v Mamelodi Sundowns (Mpumalanga Stadium); Orlando Pirates v Chippa United (Orlando Stadium); Stellenbosch v AmaZulu (Danie Craven); Polokwane City v Richards Bay (Old Peter Mokaba).