INSEPHE yeMamelodi Sundowns, uJosta Dladla, ibona iminyakazo ye-Orlando Pirates evuka phakathi kukaKermit Erasmus, noMonnapule Saleng izokwenza abaqeqeshi bamaBrazilians bazisole ngokuchitha uLyle Lakay.
Isitobha esivelele kwiPSL ngesizini edlule uLakay, sadalula ukuthi sabolekiswa kwiCape Town City, singazi. ULakay uphambane noTerrence Mashego, odlala indawo efanayo nakwiBafana Bafana.
Nguye lo mdlali obanga ijezi noSifiso Ngobeni, okulindelwe ukuthi anikwe umsebenzi wokuvimba uSaleng, noBandile Shandu oshoshela phambili esuka ngasemuva kwesokudla.
UDladla ubehambisana nabadlale naye kwiChiefs, uMorgan Gould bevakashele ekomkhulu leSolezwe ngoMgqibelo njengamanxusa eMTN8. Namuhla ngo-3 ntambama iSundowns izotholana nePirates emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamanqamu ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“I-Pirates izomangaza abantu ngalo mdlalo. Ngibabona bewuqeda ngo 1-0 umdlalo. Uma kungabanga njalo, sebeyoshaya amaphenathi,” kusho uDladla.
“Uyibheke into eza noSaleng (Monnapule) no-Erasmus (uKermit). Udonga lweSundowns alusheshi nxashana luphekwa ngobhojwana. Benjalo nje abakaqondi ukuthi ngubani okumele bamdlalise emuva kwesokunxele.
“Angiqondi ukuthi bamdedele kanjani uLakay. Singazi-ke phela noma mhlawumbe uyahlupha ngaphandle kwenkundla. IPirates ilazi kahle lelo nxeba.”
UDladla ukhala kufanele ngobungozi bohlangothi lwesokudla kwiPirates kwazise nasemlenzeni wokuqala, iSundowns yabanjelwa ngunondweba uShandu esephumile zisele izitobha zamaBrazilians. Lokho kwaba nomthelela omkhulu ekutheni umdlalo uphele ngo 0-0.
Phakathi nesonto iPirates iphinde yaveza obunye ubukhali ngoSaleng ngendlela atholana ngayo no-Erasmus. Eqinisweni emdlalweni waphakathi nesonto, uSaleng ushaye womabili amagoli abanqume ngawo iLamontville Golden Arrows.
Umvusi wenyamazane kulawo magoli, bekungu-Erasmus oshaye ibuya kweZimnyama kule sizini esuka kwiSundowns.
“KwiPirates, iSundowns izobhekana neqembu elenza izinto zalo ngesizotha kunganake muntu. Ngokwami (iPirates) banodonga oluqine ukuzedlula zonke izimbangi njengamanje. Kuzobasiza ukuthi iningi alikunakile lokho,” kuqhuba uDladla.
“Akufihliwe ukuthi iningi belilindele iSundowns izixebulele kwiPirates emlenzeni wokuqala kodwa buka kwenzakalani. Bayihlakaniphela iSundowns babona ukuthi ngeke nje bavela bayithelekele kodwa base beyivimba ngezitobha eziyisithupha.”