AmaZulu (0)1
Stellenbosch (1)2
BABINGELELWE ngesibhaxu abaqeqeshi abasha baMaZulu ahlulwe yiStellenbosch FC emdlalweni we-Last 16 yeCarling Knockout eKing Zwelithini, eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.
Amagoli eStellies ashaywe nguDevin Titus esiwombeni sokuqala somdlalo no-Andre de Jong esikhathini esengeziwe. ElaMaZulu libekwe enethini nguTshepang Moremi esiwombeni sesibili somdlalo.
Lona bekuwumdlalo wokuqala wabaqeqeshi boSuthu, u-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi abangene endaweni kaPablo Martins owaxoshwa. Nakuba leli qembu lingakaze liwine nowokubika umdlalo kule sizini kodwa ubonakele umehluko endleleni yokudlala koweStellies ebuyele enkundleni okokuqala ngemuva kokwehlulwa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8.
IStelllies, evikela indebe yeCarling, ikhombise zibekwa ukuthi ifuna ukuwuwina umdlalo ngokuhlasela ngomzuzu wokuqala kodwa ibhola layo laphelela ezandleni zikanozinti omusha woSuthu, uRichard Ofori. Lo nozinti utakule AmaZulu izikhawu eziningi esiwombeni sokuqala, evimba amabhola amabi. Nokho wehlulekile kwelishaywe nguTitus ngomzuzu ka-24 emuva kwebhola eligingqwe nguDe Jong kwesokudla. KuMaZulu bekunzima ngisho ukufika ebhokisini leStellies. Unozinti, uSage Stevens ubefana nesivakashi enkundleni.
Esiwombeni sesibili, AmaZulu abuye enza izinguquko, akhipha uMlondi Mbanjwa noRowan Human, afaka Wayde Jooste no-Etiosa Ighodaro. Ngomzuzu ka-53, uMoremi ushayele AmaZulu igoli lokulinganisa emuva kwebhola elihle eliphaswe nguJooste. Emuva kwegoli, Usuthu luthole umfutho, lwaqhubeka nokuhlasela kodwa lwehluleka ukushaya igoli lesibili.
Esikhathini esengeziwe, ziqhubekile nokuthengana. Ngomzuzu wesikhombisa, uDe Jong ungqofele phakathi ibhola eligotshwe nguSanele Barns kwesokudla. Umdlalo uphele sekungaMaZulu abengena ephindelela kodwa wenqaba uStephens ovimbe inqwaba yamabhola ayingozi.
Ngemuva komdlalo, uZwane uthe:“Linjalo nje ibhola. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa sahluleka ukuwasebenzisa. Nabo bawatholile kodwa u-Ofori wasitakula. Emuva kokungenelwa yigoli sivukile, sabona izimbobo eziningi odongeni lwabo.”
Umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, uvumile ukuthi Usuthu lubanike umdlalo onzima, wathi lo mdlalo ubakhombisile ukuthi ngeke kube lula ukuvikela indebe yabo yeCarling.