UJIKE indlela umqeqeshi wakhe abuka ngayo udonga lwakhe lwasemuva umdlali weSekhukhune United, uSiphosakhe Ntiya-Ntiya, oqale ibhola elikhokhelayo kwiKaizer Chiefs.
UNtiya-Ntiya, oyibamba emuva kwesokudla, ushaye ngomzuzu ka-62 igoli okunqobe ngalo iSekhukhune ecijwa nguBrandon Truter.
Umdlalo ubusePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mphumela unyusele iSekhukhune endaweni yesine kwi-log.
UTruter akusikho nje ukuthi uchazwe wukuthi udonga lwakhe lungangenelwa yigoli lunqoba ngo 1-0 kodwa kumshiye elubuka ngenye ndlela ngenxa yokuthi negoli livele kulo.
“Ngomunye wemidlalo udonga lwasemuva lungangenelwa yigoli. Akugcinanga lapho njengoba baphinde bashaya negoli,” kusho uTruter, kuzwakala ukuthi uhlabeke umxhwele ngalokhu.
Inxele elinguNtiya-Ntiya eliyibamba emuva kulolu hlangothi, lidonse intambo likude namapali kodwa unozinti weSwallows walizwa ngendaba.
Lo mdlali uqale ibhola elikhokhelayo kwiChiefs ngo-2018 kodwa izinto azangamvuma waze wachithwa esethathwa yiSekhukhune ngo-2022.
ISekhukhune ibinqoba umdlalo wesine we-log ilandelana.
Ibuye ekunqumeni iMarumo Gallants, Chiefs neStellenbosch FC kanti ibivale unyaka ngokubambana ngo 0-0 naMaZulu FC.
Izobuya ngeMamelodi Sundowns ngelizayo.
ISwallows yona ibihlulwa okwesithathu emidlalweni emihlanu ngaphansi kuka-Ernst Middendorp, obekelwe ijoka lokuyihlenga ezembeni.
Komunye umdlalo wangoLwesihlanu ebusuku, iCape Town City yehlule iTS Galaxy ngo 1-0 wegoli likaTaariq Fielies usuyophela umdlalo obuseCape Town Stadium, eKapa.