OBENGUMDLALI wasemuva kwiMoroka Swallows, uFalakhe “Fero” Tshanini, uthi yize kubuhlungu kodwa akakuthathi njengokulandelwa yishobolo ukuzithola esemaqenjini adayiswayo selokhu eqale ukudlala ibhola elikhokhelayo.
UTshanini (28) ngomunye wabadlali beSwallows okumanje bazithola besele dengwane bengalazi ikusasa labo ngemuva kokudayiswa kwaleli qembu laseSoweto muva nje, lithengwa yizikhulu zeMarumo Gallants esizodlala imidlalo yayo yasekhaya eBloemfontein, eFree State ngesizini ezokwethwasa ka-2024/25.
Nakuba kuvela ukuthi bakhona abanye abadlali beSwallows abangase bafudukele eBloemfontein neGallants kodwa abanye basele dengwane, abazi ngekusasa labo. Abanye sebewatholile amaqembu kuleli windi lokubhaliswa kwabadlali. Kulabo kubalwa uLindokuhle Mtshali osejoyine iSekhukhune United noKwanda Mngonyama osejoyine AmaZulu FC.
UTshanini wasewaseWestport Farm eNyanyadu, eDundee, uveze ukuthi usahleli ekhaya njengamanje, akakazi ngekusasa lakhe.
“Ngisesekhaya njengamanje, angikakazi kahle ukuthi kuqhubekani. Ngisazohamba ngiye eGoli, ngibone ukuthi kuhlanganani.
Khona lesi simo sokudayiswa kweqembu yisimo esibuhlungu ukwehlela umdlali webhola, ngoba kuvele kuphazamiseke izinhlelo zakhe esuke unazo ngaleso sikhathi, kwesinye isikhathi kumthathe isikhathi ukuthi athole elinye iqembu.
Nokho, lokhu angikuthathi njengebhadi kodwa ngikuthatha njengenye yezinto ezenzekayo ebholeni futhi impilo kumele iqhubeke,” kusho uTshanini, odlale imidlalo engu-14 ngesizini edlule kwiSwallows.
UTshanini wayeseqenjini leLamontville Golden Arrows elanqoba isicoco seMultichoice Diski Challenge (esiyiDStv Diski Challenge) ngesizini ka-2015/16. Ekupheleni kwesizini ka-2022/23 kudayiswe uThongathi FC edlala kuyona. Leli qembu lathengwa yizikhulu zeMilford FC.
Nokho, leli nxele eliyibamba emuva kwesokunxele likwazile ukusayinwa yiZinyoni ngaphambi kokuqala kwesizini edlule ka-2023/24.
“Nokho ngisenethemba lokuthi ngisazolithola elinye iqembu. Kuzobonakala ukuthi kuhlanganani. Ngisazimisele ukubuyela enkundleni ngidlale ngoba ibhola selingumsebenzi wami,” kusho uTshanini.