ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS) bakhiphe isexwayiso sokuthi kuzophinde kubuye okwesibili ukukhithika okubonakale ngempelasonto edlule.
OweSAWS uNkk Celeste Fourie, uthe izifundazwe ezizothinteka ikwaZulu-Natal, Free State ne-Eastern Cape kusukela ngeSonto kuya kuLwesibili.
UNkk Fourie uthe yize kuzoba nalokhu kukhithika, ngeke kube kubi njengalokhu okubonakele ngempelasonto eyedlule.
“Isimo sezulu esihambisana nokukhithika kulindeleke ukuthi sishintshe kakhulu njengoba amazinga okushisa ezokwehla abe ngaphansi kuka-10 degrees. Amazinga okushisa azoqala ukwehla kakhulu eWestern Cape ngeSonto. Lokhu kuzodlulela e-Eastern Cape naKwaZulu-Natal ngoMsombuluko nangoLwesibili,” kusho uNkk Fourie, othe lokhu kuzobe kuhambisana nemvula nomoya onamandla.
Uqhube wathi okwamanje ngokomhlahlo wabo, abalindele ukuthi uN3 okukhona kuwo iVan Reenen’s Pass ungathikamezeka kangako.
Uthe isimo sizoqala ukuba ngcono ngoLwesibili ntambama, lapho umoya obandayo uzobe usuthanda ukwehla.
Uthe bazolokhu besiqaphile isimo sezulu, bese beyabazisa abantu uma kukhona okusha abakutholayo.
Ubanxusile ukuthi bangahlukani nokulalela umsakazo babuke ithelevishini ukuze bathole ulwazi olufanele ngesikhathi.
Uthe abangakhohlwa nawukubheka kwi-website yabo ethi www.weathersa.co.za kanjalo nasekhasini labo le-X elithi @SAWeatherServic ukuze bathole ulwazi lwakamumva ngesikhathi esifanele.