WABOSHWA ngesikhathi engumphathi wesiteshi samaphoyisa eBhekithemba, eMlaza obesebe yiphoyisa iminyaka engu-32 obhekene necala lokufumbathiswa uR120 000 ukuze kunyamalale idokodo likamfowabo.
UMnuz Khephu Ndlovu, osule ngonyaka odlule embuthweni wamaphoyisa esenguLieutenant Colonel, ugqigqa eNkantolo yesiFunda yasePinetown nabanye abane.
Uthweswe icala lokufumbathiswa imali nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho okungamacala awaphikayo.
UMbuso usola uNdlovu (ongumsolwa wesine) ukuthi wamukela uR120 000 owawufakwe esikhwameni semali epaki yezimoto esiteshini samaphoyisa eDurban Central.
Le mali kuthiwa yayivela kuNkk Sibongile Ndlovu (umsolwa wesibili) ngomyalelo womyeni wakhe ongumfowabo kaNdlovu, uFelokwakhe Ndlovu (ongumsolwa wesithathu).
Kuthiwa imali kwakucubuzwa ngayo amagabade ukuze uNdlovu asebenzise isikhundla ayesiphethe emaphoyiseni ayalele uKaputeni Bonginkosi Dlamini (ongumsolwa wokuqala) kulahlwe ubufakazi becala lokubulala. Lagcina lisusiwe kuDlamini lelo cala.
UDlamini wayephenya uFelokwakhe ngecala lokubulala uMnuz Thulani Nxumalo owayengunobhala wegatsha le-ANC KwaNdengezi.
Limgojelile ngoMeyi wakulo nyaka lelo cala uFelokwakhe wagixabezwa ngesigwebo sikadilikajele.
UNdlovu (Khephu) uthe akazani nemali okukhulunywa ngayo futhi akamazi uDlamini wayengakaze ambone empilweni yakhe.
Uthe wahlangana noNkk Ndlovu, abesilisa ababili, obizwa ngomkhulu omunye ngoMpofu ukuze kudingidwe izinto ezithinta umndeni.
Lezo zinto uthe wayefuna umkhulu amboleke abafana ababeseqenjini lakhe lengoma ukuze banandise emcimbini womndeni owawuzokuba ngo-Okthoba 2019 kwaNdlovu, eMgungundlovu.
Lo fakazi uthe uyakweshwama ukuthi babehlangene ngenhloso yokumnikeza imali ukuze kulahleke ubufakazi ecaleni elalibhekene noFelokwakhe.
Ubuzwe umshushisi u-Advocate Lawrence Gcaba ukuthi wayefunani emsebenzini ngoMgqibelo ekubeni isikhundla ayesiphethe sasimdinga emsebenzini phakathi nezinsuku.
“Sasisekhempini eDurban Central, sicija ikhwaya yamaphoyisa engangiphethe isikhundla khona eyayizoya komela isifundazwe emcimbini owawuzokuba seBloemfontein. Akukho esasikuxoxa okwakuyimfihlo,” kusho uNdlovu.
Enkantolo bekukhona owayengumkhulumeli wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uVincent Mdunge ezokweseka uNdlovu (Khephu) othe wayeyibamba lomphathi siteshi eboshwa.
UDlamini nabaganene bakwaNdlovu bagqunywe ezitokisini. Ungaphandle ngebheyili uNdlovu (Khephu) nomsolwa wesihlanu oyindodana yabaganene uMnuz Lindokuhle Ndlovu.
Bebebukeka bezikhululekele abasolwa futhi bexoxa namalungu emindeni yabo abezobeseka enkantolo uma iMantshi uMuntukayise Khumalo isaliguqisile icala.
Kuyaqhubeka ukwethulwa kobufakazi namuhla.